Johane 6:1-71
6 Ngemva kwalezi zinto uJesu waya ngaphesheya kolwandle lwaseGalile, noma lwaseThibheriya.+
2 Kodwa isixuku esikhulu sasilokhu simlandela, ngoba sasibona izibonakaliso ayezenza kulabo ababegula.+
3 Ngakho uJesu wakhuphukela entabeni,+ wahlala lapho nabafundi bakhe.
4 Iphasika,+ umkhosi wamaJuda, laliseduze.
5 Ngakho-ke, lapho uJesu ephakamisa amehlo futhi eqaphela ukuthi isixuku esikhulu siza kuye, wathi kuFiliphu: “Sizozithengaphi izinkwa ukuze laba badle na?”+
6 Nokho, wayesho lokhu ukuze amvivinye, ngoba wayekwazi ayesezokwenza.
7 UFiliphu wamphendula: “Izinkwa zodenariyu abangamakhulu amabili azibanele ukuba ngamunye kubo athole okuncane.”+
8 Omunye wabafundi bakhe, u-Andreya umfowabo kaSimoni Petru, wathi kuye:
9 “Nangu umfanyana onezinkwa+ zebhali ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili ezincane. Kodwa kuyini lokhu kubantu abaningi kangaka?”+
10 UJesu wathi: “Celani amadoda ukuba ahlale njengalapho edla.”+ Kwakunotshani obuningi kuleyo ndawo. Ngakho-ke amadoda ahlala, cishe izinkulungwane ezinhlanu ngesibalo.+
11 Ngakho uJesu wathatha izinkwa, futhi ngemva kokubonga, wabela labo ababehlezi, ngokufanayo wababela izinhlanzi ezincane kangangalokho ababekufuna.+
12 Kodwa lapho sebesuthi+ wathi kubafundi bakhe: “Buthani izingcezwana ezisele, ukuze kungachithwa lutho.”
13 Ngakho-ke bazibutha, bagcwalisa obhasikidi abayishumi nambili ngezingcezwana zezinkwa ezinhlanu zebhali, ezashiywa yilabo ababedlile.+
14 Ngakho lapho abantu bebona izibonakaliso ayezenza, bathi: “Ngokuqinisekile lo ungumprofethi+ owayezofika ezweni.”
15 Ngakho-ke, uJesu azi ukuthi base bezokuza bambambe ukuze bambeke inkosi, waphinde wasuka waya+ entabeni eyedwa.
16 Lapho kuhwalala, abafundi bakhe behlela olwandle,+
17 futhi, begibela isikebhe, basuka badabula ulwandle balibangisa eKapernawume. Nokho, ngalesi sikhathi kwase kumnyama futhi uJesu wayengakafiki kubo.
18 Ulwandle lwaqala ukugubha ngoba kwakuvunguza umoya onamandla.+
19 Nokho, lapho sebegwedle cishe amakhilomitha ayisihlanu noma ayisithupha, babona uJesu ehamba phezu kolwandle esondela esikebheni; bafikelwa ukwesaba.+
20 Kodwa wathi kubo: “Yimi; ningesabi!”+
21 Ngakho-ke bavuma ukumngenisa esikebheni, ngokushesha isikebhe sase sisezweni ababezama ukuya kulo.+
22 Ngosuku olulandelayo isixuku esasimi ngaphesheya kolwandle sabona ukuthi akukho sikebhe lapho ngaphandle kwesincane, nokuthi uJesu akangenanga esikebheni kanye nabafundi bakhe kodwa kuhambe abafundi bakhe kuphela;
23 kodwa kwafika izikebhe ezivela eThibheriya eduze kwendawo lapho babedle khona isinkwa ngemva kokuba iNkosi ibongile.
24 Ngakho-ke lapho isixuku sibona ukuthi uJesu akekho lapho nabafundi bakhe abekho, sagibela izikebhe zaso ezincane safika eKapernawume siyofuna+ uJesu.
25 Ngakho lapho simthola ngaphesheya kolwandle sathi kuye: “Rabi,+ ufike nini lapha?”
26 UJesu wasiphendula wathi: “Ngiqinisile impela ngithi kini, aningifuni ngoba nibone izibonakaliso kodwa ngoba nidle izinkwa nasutha.+
27 Ningasebenzeli ukudla okushabalalayo,+ kodwa ukudla okuhlalayo kube ukuphila okuphakade,+ iNdodana yomuntu ezoninika kona; ngoba uBaba, yebo, uNkulunkulu, ubeke phezu kwayo uphawu lwakhe lokuyamukela.”+
28 Ngakho-ke sathi kuye: “Yini okufanele siyenze ukuze senze imisebenzi kaNkulunkulu?”
29 Ephendula uJesu wathi kuso: “Yilo umsebenzi kaNkulunkulu, ukuba nibonise ukholo+ kulowo owathunyelwa nguye.”+
30 Ngakho-ke sathi kuye: “Khona-ke, yini oyenzayo njengesibonakaliso,+ ukuze sisibone futhi sikukholwe? Yimuphi umsebenzi owenzayo na?
31 Okhokho bethu badla imana+ ehlane, njengoba nje kulotshiwe, ‘Wabanika isinkwa esivela ezulwini ukuba badle.’”+
32 Ngakho uJesu wathi kuso: “Ngiqinisile impela ngithi kini, uMose akaninikanga isinkwa esivela ezulwini, kodwa uBaba uninika isinkwa seqiniso esivela ezulwini.+
33 Ngoba isinkwa sikaNkulunkulu siyilowo owehla ezulwini futhi anike izwe ukuphila.”
34 Ngakho-ke sathi kuye: “Nkosi, sinike lesi sinkwa ngaso sonke isikhathi.”+
35 UJesu wathi kuso: “Mina ngiyisinkwa sokuphila. Oza kimi ngeke alambe, nobonisa ukholo kimi akasoze oma.+
36 Kodwa ngishilo kini, ningibonile nokungibona kodwa nokho anikholwa.+
37 Konke uBaba anginika kona kuyokuza kimi, futhi lowo oza kimi angisoze ngamxosha;+
38 ngoba angehlanga ezulwini+ ukuba ngizokwenza intando yami kodwa intando yalowo ongithumileyo.+
39 Yile intando yalowo ongithumileyo, ukuba ngingalahlekelwa yilutho kukho konke anginike kona kodwa ukuba ngikuvuse+ ngosuku lokugcina.
40 Ngoba yile intando kaBaba, ukuba wonke umuntu obona iNdodana futhi abonise ukholo kuyo abe nokuphila okuphakade,+ futhi ngizomvusa ngosuku lokugcina.”+
41 Ngakho-ke amaJuda akhononda ngaye ngoba ethé: “Mina ngiyisinkwa esehle ezulwini”;+
42 athi:+ “Lo akuyena yini uJesu indodana kaJosefa,+ esibaziyo oyise nonina? Usho kanjani manje ukuthi, ‘Ngehlé ezulwini’?”
43 UJesu waphendula wathi kuwo: “Yekani ukukhononda phakathi kwenu.
44 Akekho umuntu ongeza kimi ngaphandle kokuba uBaba ongithumileyo emdonsa;+ futhi mina ngizomvusa ngosuku lokugcina.+
45 Kulotshiwe kubaProfethi ukuthi, ‘Bonke bayofundiswa uJehova.’+ Wonke umuntu oye wezwa kuBaba futhi wafunda uyeza kimi.+
46 Akukhona ukuthi ukhona umuntu oye wabona uBaba,+ ngaphandle kwalowo ovela kuNkulunkulu; lona umbonile uBaba.+
47 Ngiqinisile impela ngithi kini, Okholwayo unokuphila okuphakade.+
48 “Mina ngiyisinkwa+ sokuphila.
49 Okhokho benu balidla imana+ ehlane kodwa nokho bafa.
50 Yilesi isinkwa esehla ezulwini, ukuze sidliwe yinoma ubani, angafi.
51 Mina ngiyisinkwa esiphilayo esehle ezulwini; uma umuntu esidla lesi sinkwa uyophila kuze kube phakade; futhi, ngempela isinkwa engizosinikela ngenxa yokuphila kwezwe+ siyinyama yami.”+
52 Ngakho-ke amaJuda aqala ukuphikisana, ethi: “Lo muntu angasinika kanjani inyama yakhe ukuba siyidle na?”
53 Ngakho uJesu wathi kuwo: “Ngiqinisile impela ngithi kini, Ngaphandle kokuba nidle inyama+ yeNdodana yomuntu niphuze igazi layo,+ aninakho ukuphila+ kini ngaphakathi.
54 Lowo odla inyama yami, aphuze igazi lami unokuphila okuphakade, ngiyomvusa+ ngosuku lokugcina;
55 ngoba inyama yami iwukudla isibili, negazi lami liyisiphuzo isibili.
56 Odla inyama yami aphuze igazi lami, uhlala emunye nami, nami ngimunye naye.+
57 Njengoba nje uBaba ophilayo+ angithuma futhi ngiphila ngenxa kaBaba, nalowo ongidlayo, yebo lowo uyophila ngenxa yami.+
58 Yilesi isinkwa esehle ezulwini. Akunjengesikhathi lapho okhokho benu babedla kodwa nokho bafa. Odla lesi sinkwa uyophila kuze kube phakade.”+
59 Lezi zinto wazisho njengoba ayefundisa emhlanganweni weningi eKapernawume.
60 Ngakho-ke abaningi kubafundi bakhe, lapho bezwa lokhu, bathi: “Le nkulumo iyashaqisa; ubani ongayilalela na?”+
61 Kodwa uJesu, azi kuye ngaphakathi ukuthi abafundi bakhe babekhononda ngalokhu, wathi kubo: “Kuyanikhubekisa+ yini lokhu?
62 Ngakho-ke, kuyothiwani uma ningabona iNdodana yomuntu inyukela lapho yayikhona ngaphambili?+
63 Ngumoya onikeza ukuphila;+ inyama ayinalo nhlobo usizo. Amazwi engiwakhulume kini angumoya+ futhi awukuphila.+
64 Kodwa bakhona abanye kini abangakholwa.” Ngoba kusukela ekuqaleni uJesu wayazi ukuthi obani ababengakholwa nokuthi ubani owayezomkhaphela.+
65 Ngakho waqhubeka wathi: “Kungakho ngithé kini, Akekho ongeza kimi ngaphandle kokuba ekunikwa uBaba.”+
66 Ngenxa yalokhu abaningi kubafundi bakhe bahamba baya ezintweni ababezishiye emuva+ futhi ababange besahamba naye.+
67 Ngakho-ke uJesu wathi kwabayishumi nambili: “Nifuna ukuhamba yini nani?”
68 USimoni Petru+ wamphendula wathi: “Nkosi, ubani esizoya kuye?+ Nguwe onamazwi okuphila okuphakade;+
69 siye sakholwa futhi sesiyazi ukuthi ungoNgcwele kaNkulunkulu.”+
70 UJesu wabaphendula wathi: “Nganikhetha mina nina eniyishumi nambili,+ akunjalo? Nokho omunye kini ungumnyundeli.”+
71 Eqinisweni wayekhuluma ngoJuda indodana kaSimoni Iskariyothe; ngoba lona wayezomkhaphela,+ nakuba ayengomunye wabayishumi nambili.