Joweli 3:1-21

3  “Ngoba, bheka! ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi,+ lapho ngibuyisa abathunjiwe bakwaJuda nabaseJerusalema,+  ngiyoqoqa futhi zonke izizwe+ ngizehlisele ethafeni eliphansi likaJehoshafati;+ ngiyozibeka ekwahluleleni kanye nazo lapho ngenxa yabantu bami nefa lami u-Israyeli,+ ababahlakazile phakathi kwezizwe; bahlukanisa izwe lami.+  Babelokhu benza inkatho ngabantu bami;+ benana isifebe ngomntwana womfana,+ bethengisa umntwana wentombazane ukuze bathole iwayini, baphuze.  “Futhi, nihlangene ngani nami, Thire neSidoni+ nani nonke nina zifunda zaseFilistiya?+ Ingabe ningivuza ngale mpatho? Uma ningiphatha ngale ndlela, ngizoyibuyisela ngesivinini, ngokushesha, impatho yenu emakhanda enu.+  Ngoba nina nithathé isiliva lami negolide lami,+ niyisé izinto zami ezinhle ezifiselekayo emathempelini enu;+  nithengisé ngamadodana akwaJuda namadodana aseJerusalema+ emadodaneni amaGreki,+ ngenjongo yokuwadedisela kude nendawo yawo;+  bhekani ngiyawavusa ukuba asuke endaweni eniwathengiselé kuyo,+ impatho yenu ngizoyibuyisela emakhanda enu.+  Ngizothengisela esandleni samadodana kaJuda amadodana enu namadodakazi enu,+ futhi kumelwe bawathengisele esandleni samadoda aseSheba,+ esizweni esikude kakhulu;+ ngoba uJehova ukukhulumile.  “Memezelani lokhu, phakathi kwezizwe,+ ‘Ngcwelisani impi! Vusani amadoda anamandla!+ Mawasondele! Mawakhuphuke, wonke amadoda empi!+ 10  Khandani amageja enu abe yizinkemba nocelemba benu+ babe yizijula. Obuthakathaka makathi: “Ngiyindoda enamandla.”+ 11  Lekelelani, nize, nonke nina zizwe ezizungezile,+ niqoqane ndawonye.’”+ O Jehova, yehlisela abanamandla bakho kuleyo ndawo.+ 12  “Makuvuswe izizwe zize ethafeni eliphansi likaJehoshafati;+ ngoba ngiyohlala lapho ukuze ngahlulele zonke izizwe ezizungezile.+ 13  “Fakani isikela,+ ngoba isivuno sesivuthiwe.+ Wozani, yehlani, ngoba isikhamo sewayini sesigcwele.+ Imigodi yesikhamo empeleni iyachichima; ngoba ububi bazo bube buningi kakhulu.+ 14  Izixuku, izixuku zisethafeni eliphansi lesinqumo,+ ngoba usuku lukaJehova luseduze ethafeni eliphansi lesinqumo.+ 15  Ilanga nenyanga ngokuqinisekile kuyoba mnyama, futhi izinkanyezi empeleni ziyokuhoxisa ukukhanya kwazo.+ 16  UJehova uyobhonga eseZiyoni, azwakalise izwi lakhe eseJerusalema.+ Ngokuqinisekile izulu nomhlaba kuyozamazama;+ kodwa uJehova uyoba yisiphephelo sabantu bakhe+ nenqaba yabantwana bakwa-Israyeli.+ 17  Nina niyokwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu,+ ohlala eZiyoni intaba yami engcwele.+ IJerusalema liyoba yindawo engcwele;+ ngokuqondene nezihambi, ngeke zisadabula kulo.+ 18  “Kuyothi ngalolo suku izintaba ziconse iwayini elimnandi,+ namagquma uqobo lwawo ageleze ubisi, neziqu zemifudlana yakwaJuda zonke zigeleze amanzi. Endlini kaJehova kuyoqhuma isiphethu,+ futhi kumelwe sinisele isigodi sesifufula seMithi Yomtholo.+ 19  IGibhithe lona liyoba yihlane eliyincithakalo;+ i-Edomi, libe yihlane eliyincithakalo,+ ngenxa yobudlova obenziwe kubantwana bakwaJuda, okuchithwa igazi elingenacala ezweni labo.+ 20  Kodwa elakwaJuda lona, liyohlalwa kuze kube nini nanini,+ neJerusalema izizukulwane ngezizukulwane.+ 21  Igazi labo ebengingalibheki njengelingenacala ngiyolibheka njengelinecala;+ uJehova uyobe ehlala eZiyoni.”+

Imibhalo yaphansi