Numeri 2:1-34

2  Manje uJehova wakhuluma noMose no-Aroni, wathi:  “Abantwana bakwa-Israyeli kufanele bakanise, indoda ngayinye ngokwesigaba sayo sezizwe ezintathu,+ ngokwezimpawu zezindlu zoyise. Kufanele bakanise nxazonke phambi kwetende lokuhlangana.  “Abayomisa amatende ngasempumalanga ukuyela ngalapho kuphuma khona ilanga kuyoba isigaba sezizwe ezintathu sekamu lakwaJuda ngamabutho aso, futhi isikhulu sabantwana bakwaJuda nguNaheshoni+ indodana ka-Aminadaba.  Ibutho lakhe nalabo ababhalisiwe kulo bayizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa nane namakhulu ayisithupha.+  Abayomisa amatende eceleni kwakhe kuyoba isizwe sakwa-Isakare,+ futhi isikhulu sabantwana bakwa-Isakare nguNethaneli+ indodana kaZuwari.  Ibutho lakhe nababhalisiwe bakhe bayizinkulungwane ezingamashumi amahlanu nane namakhulu amane.+  Nesizwe sakwaZebhuloni; futhi isikhulu sabantwana bakwaZebhuloni ngu-Eliyabe+ indodana kaHeloni.  Ibutho lakhe nababhalisiwe bakhe bayizinkulungwane ezingamashumi amahlanu nesikhombisa namakhulu amane.+  “Bonke ababhalisiwe bekamu lakwaJuda bayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nesithupha namakhulu amane ngamabutho abo. Kufanele basuke kuqala.+ 10  Isigaba sezizwe ezintathu sekamu lakwaRubeni+ siyoba ngaseningizimu ngama-butho aso, futhi isikhulu sabantwana bakwaRubeni ngu-Elizuri+ indodana kaShedewuri. 11  Ibutho lakhe nababhalisiwe bakhe bayizinkulungwane ezingamashumi amane nesithupha namakhulu amahlanu.+ 12  Abayomisa amatende eceleni kwakhe kuyoba yisizwe sakwaSimeyoni, futhi isikhulu sabantwana bakwaSimeyoni nguShelumiyeli+ indodana kaZurishadayi. 13  Ibutho lakhe nababhalisiwe kulo bayizinkulungwane ezingamashumi amahlanu nesishiyagalolunye namakhulu amathathu.+ 14  Nesizwe sakwaGadi; futhi isikhulu sabantwana bakwaGadi ngu-Eliyasafa+ indodana kaRehuweli. 15  Ibutho lakhe nababhalisiwe kulo bayizinkulungwane ezingamashumi amane nanhlanu namakhulu ayisithupha namashumi amahlanu.+ 16  “Bonke ababhalisiwe bekamu lakwaRubeni bayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amahlanu nanye namakhulu amane namashumi amahlanu ngamabutho abo, futhi kufanele babe ngabesibili ukusuka.+ 17  “Kuyothi lapho itende lokuhlangana+ selizosuka, ikamu lamaLevi+ libe phakathi kwamakamu. “Leyo ndlela okufanele bakanise ngayo, yiyo futhi okufanele basuke ngayo,+ yilowo nalowo endaweni yakhe, ngokwezigaba zabo zezizwe ezintathu. 18  “Isigaba sezizwe ezintathu sekamu lakwa-Efrayimi+ ngamabutho aso siyoba ngasentshonalanga, futhi isikhulu samadodana akwa-Efrayimi ngu-Elishama+ indodana ka-Amihudi. 19  Ibutho lakhe nababhalisiwe kulo bayizinkulungwane ezingamashumi amane namakhulu amahlanu.+ 20  Eceleni kwakhe kuyoba yisizwe sakwaManase,+ futhi isikhulu sabantwana bakwaManase nguGamaliyeli+ indodana kaPhedazuri. 21  Ibutho lakhe nababhalisiwe kulo bayizinkulungwane ezingamashumi amathathu nambili namakhulu amabili.+ 22  Nesizwe sakwaBhenjamini;+ futhi isikhulu sabantwana bakwaBhenjamini ngu-Abhidani+ indodana kaGidiyoni. 23  Ibutho lakhe nababhalisiwe kulo bayizinkulungwane ezingamashumi amathathu nanhlanu namakhulu amane.+ 24  “Bonke ababhalisiwe bekamu lakwa-Efrayimi bayizinkulungwane eziyikhulu nesishiyagalombili nekhulu ngamabutho abo, futhi kufanele babe ngabesithathu ukusuka.+ 25  “Isigaba sezizwe ezintathu sekamu lakwaDani siyoba ngasenyakatho ngamabutho aso, futhi isikhulu sabantwana bakwaDani ngu-Ahiyezeri+ indodana ka-Amishadayi. 26  Ibutho lakhe nababhalisiwe kulo bayizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nambili namakhulu ayisikhombisa.+ 27  Abayomisa amatende eceleni kwakhe kuyoba yisizwe sakwa-Asheri, futhi isikhulu sabantwana bakwa-Asheri nguPhagiyeli+ indodana ka-Okirani. 28  Ibutho lakhe nababhalisiwe kulo bayizinkulungwane ezingamashumi amane nanye namakhulu amahlanu.+ 29  Nesizwe sakwaNafetali;+ futhi isikhulu sabantwana bakwaNafetali ngu-Ahira+ indodana ka-Enani. 30  Ibutho lakhe nababhalisiwe kulo bayizinkulungwane ezingamashumi amahlanu nantathu namakhulu amane.+ 31  “Bonke ababhalisiwe bekamu lakwaDani bayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amahlanu nesikhombisa namakhulu ayisithupha. Kufanele babe ngabokugcina ukusuka+— ngokwezigaba zabo zezizwe ezintathu.” 32  Laba yibo ababebhalisiwe emadodaneni akwa-Israyeli ngokwezindlu zoyise; bonke ababebhalisiwe bamakamu ngamabutho abo babeyizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nantathu namakhulu amahlanu namashumi amahlanu.+ 33  Kodwa amaLevi awazange abhaliswe+ phakathi kwamadodana akwa-Israyeli, njengoba nje uJehova ayemyalile uMose. 34  Abantwana bakwa-Israyeli benza ngokuvumelana nakho konke uJehova ayekuyale uMose.+ Yileyo ndlela ababekanisa ngayo ngokwezigaba zabo zezizwe ezintathu,+ futhi yileyo ndlela ababesuka ngayo,+ yilowo nalowo ngemindeni yakubo ngokwezindlu zoyise.

Imibhalo yaphansi