Roma 14:1-23
14 Mamukeleni umuntu onobuthakathaka+ okholweni lwakhe, kodwa ningenzi izinqumo ngemibuzo yangaphakathi.+
2 Omunye umuntu unokholo lokuthi angadla zonke izinto,+ kodwa umuntu obuthakathaka udla imifino.
3 Odlayo makangambukeli phansi ongadli,+ nongadli makangamahluleli odlayo, ngoba uNkulunkulu umamukele lowo.
4 Ungubani wena ukuba wahlulele inceku yomunye yasendlini?+ Ima noma iwe enkosini yayo siqu.+ Impela iyomiswa, ngoba uJehova angayimisa.+
5 Omunye umuntu wahlulela olunye usuku njengolungaphezu kolunye;+ omunye umuntu wahlulela olunye usuku njengazo zonke ezinye;+ yilowo nalowo muntu makaqiniseke ngokugcwele engqondweni yakhe.
6 Lowo ogcina usuku ulugcinela uJehova. Futhi, lowo odlayo, udlela uJehova,+ ngoba ubonga uNkulunkulu;+ nalowo ongadli akadleli uJehova,+ kodwa nokho ubonga uNkulunkulu.+
7 Eqinisweni, akekho noyedwa kithi oziphilela yena kuphela,+ futhi akekho ozifela yena kuphela;
8 ngoba kokubili uma siphila, siphilela uJehova,+ futhi uma sifa, sifela uJehova.+ Ngakho-ke kokubili uma siphila noma sifa, singabakaJehova.+
9 Ngoba uKristu wafa wabuye waphila ngenxa yale njongo,+ ukuze abe yiNkosi phezu kwabafileyo+ nabaphilayo.+
10 Kodwa kungani wahlulela umfowenu?+ Noma kungani futhi umbukela phansi umfowenu? Ngoba sonke siyokuma phambi kwesihlalo sokwahlulela+ sikaNkulunkulu;
11 ngoba kulotshiwe ukuthi: “‘Kuphila kwami,’ kusho uJehova,+ ‘wonke amadolo ayoguqa kimi, futhi zonke izilimi ziyovuma obala kuNkulunkulu.’”+
12 Ngakho-ke, ngamunye wethu uyozilandisela kuNkulunkulu.+
13 Ngakho-ke masingabe sisahlulelana,+ kodwa kunalokho yenzani lokhu kube yisinqumo senu,+ ukuba ningabeki isikhubekiso+ phambi komfowenu+ noma into engamkhela.
14 Ngiyazi futhi ngikholisekile eNkosini uJesu ukuthi akukho lutho olungcolile ngokwalo;+ kuphela lapho umuntu ebheka okuthile njengokungcolile, kuba okungcolile kuye.+
15 Ngoba uma umfowenu enziwa lusizi ngenxa yokudla, awusahambi ngokuvumelana nothando.+ Ngokudla kwakho ungamoni lowo uKristu amfela.+
16 Ngakho-ke ningavumeli ukuba okuhle enikwenzayo kukhulunywe ngakho kube ngukulimala kini.
17 Ngoba umbuso kaNkulunkulu+ awusho ukudla nokuphuza,+ kodwa usho ukulunga+ nokuthula+ nenjabulo+ okuhambisana nomoya ongcwele.
18 Ngoba lowo oba yisigqila sikaKristu ngokuqondene nalokhu uyamukeleka kuNkulunkulu futhi uyamukelwa abantu.+
19 Ngakho-ke masiphishekele izinto ezibangela ukuthula+ nezinto ezakhayo komunye nomunye.+
20 Yekani ukudiliza umsebenzi kaNkulunkulu ngenxa nje yokudla.+ Yiqiniso, zonke izinto zihlanzekile, kodwa kuyalimaza kumuntu odla kunesimo esingabangela ukukhubeka.+
21 Kuhle ukungayidli inyama noma ukungaliphuzi iwayini noma ukungenzi noma yini umfowenu akhubeka ngayo.+
22 Ukholo onalo, yiba nalo ngokuvumelana nawe ngokwakho emehlweni kaNkulunkulu.+ Uyajabula umuntu ongazibeki ekwahlulelweni ngalokho akwamukelayo.
23 Kodwa uma engabaza, uselahliwe kakade uma edla,+ ngoba akadli ngokholo. Ngempela, konke okungaveli okholweni kuyisono.+