Roma 15:1-33
15 Nokho, thina esiqinile kufanele sithwale ubuthakathaka balabo abangaqinile,+ singazijabulisi thina.+
2 Yilowo nalowo kithi makajabulise umakhelwane wakhe ngento ezomakha.+
3 Ngoba ngisho noKristu akazijabulisanga yena;+ kodwa njengoba nje kulotshiwe: “Isihlamba sababekuhlambalaza sehlele phezu kwami.”+
4 Ngoba zonke izinto ezalotshwa esikhathini esingaphambili zalotshelwa+ ukuba kufundiswe thina,+ ukuze kuthi ngokukhuthazela kwethu+ nangenduduzo+ evela emiBhalweni sibe nethemba.+
5 Manje kwangathi uNkulunkulu onika ukukhuthazela nenduduzo anganipha ukuba phakathi kwenu nibe nesimo sengqondo esifanayo+ naleso uKristu Jesu ayenaso,
6 ukuba nganhliziyonye+ nikhazimulise uNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu ngamlomo munye.
7 Ngakho-ke yamukelanani,+ njengoba nje noKristu asamukela,+ ngombono wokuba kube yinkazimulo kuNkulunkulu.
8 Ngoba ngithi uKristu eqinisweni waba yisikhonzi+ salabo abasokile+ ngenxa yokuba neqiniso kukaNkulunkulu,+ ukuze aqinisekise izithembiso+ azenza kokhokho babo,
9 futhi ukuze izizwe+ zikhazimulise uNkulunkulu ngesihe sakhe.+ Njengoba nje kulotshiwe: “Yingakho ngizokuvuma obala phakathi kwezizwe futhi ngizolihubela igama lakho.”+
10 Futhi ubuye athi: “Thokozani, nina zizwe, nesizwe sakhe.”+
11 Abuye athi futhi: “Dumisani uJehova, nonke nina zizwe, futhi bonke abantu mabamdumise.”+
12 Futhi u-Isaya uthi: “Kuyoba khona impande kaJese,+ futhi kuyoba khona novelayo ukuba abuse izizwe;+ izizwe ziyobeka ithemba lazo kuye.”+
13 Kwangathi uNkulunkulu onika ithemba anganigcwalisa ngenjabulo nangokuthula konke ngokukholwa kwenu, ukuze nichichime ithemba ngamandla omoya ongcwele.+
14 Manje nami ngokwami ngikholisekile ngani, bazalwane, ukuthi nani ngokwenu nigcwele ubuhle, njengoba niye nagcwaliswa ngolwazi lonke,+ nokuthi niyakwazi ukuyalana futhi.+
15 Nokho, ngokuqondene namanye amaphuzu, nginilobela ngokungagunci impela njengokungathi ngiyanikhumbuza+ futhi, ngenxa yomusa ongafanelwe engiwuphiwe uvela kuNkulunkulu+
16 ukuba ngibe yinceku kaKristu Jesu yomphakathi ekhonza ezizweni,+ eyenza umsebenzi ongcwele wezindaba ezinhle+ zikaNkulunkulu, ukuze umnikelo,+ okuwukuthi, lezi zizwe, ube owamukelekayo,+ njengoba ungcwelisiwe ngomoya ongcwele.+
17 Ngakho-ke nginesizathu sokwethaba kuKristu Jesu+ uma kuziwa ezintweni eziphathelene noNkulunkulu.+
18 Ngoba ngeke ngilokothe ngikhulume nangento eyodwa uma kungeyona eyalezo zinto uKristu azenza ngami+ ukuze izizwe zilalele,+ ngezwi+ nangesenzo sami,
19 ngamandla ezibonakaliso nezimangaliso,+ ngamandla omoya ongcwele; kangangokuthi ukusuka eJerusalema ujikeleze+ kuze kufike e-Iliriku ngizishumayele ngokuphelele izindaba ezinhle ngoKristu.+
20 Ngempela, ngale ndlela ngakwenza umgomo wami ukuba ngingazimemezeli izindaba ezinhle lapho sekukhulunywe khona kakade ngegama likaKristu, ukuze ngingakheli phezu kwesisekelo somunye umuntu;+
21 kodwa, njengoba nje kulotshiwe: “Labo abangaziswanga ngaye bayobona, nalabo abangezwanga bayoqonda.”+
22 Ngakho-ke futhi ngathiyeka kaningi ukuba ngifike kini.+
23 Kodwa njengoba ngingasenayo indawo engathintiwe kulezi zifunda, futhi sekuyiminyaka ethile ngilangazelela ukufika kini+
24 noma nini lapho ngiya eSpaniya,+ ngithemba ngaphezu kwakho konke ukuthi, uma ngiya khona, ngiyonibona futhi ningiphelezele+ kancane ngemva kokuba senganelisiwe kuqala ngesilinganiso esithile ukuhlala nani.
25 Kodwa manje sengizoya eJerusalema ngiyokhonza abangcwele.+
26 Ngoba abaseMakedoniya nase-Akhaya+ bakujabulele ukuhlanganyela izinto zabo ngokunikelela+ abampofu kwabangcwele eJerusalema.
27 Yiqiniso, bakujabulele ukuba benze kanjalo, kodwa nokho babebakweleta; ngoba uma izizwe zihlanganyele izinto zabo ezingokomoya,+ nazo zikweleta ukubakhonza obala ngezinto zomzimba wenyama.+
28 Ngakho ngemva kokuba sengiqedile ngalokhu futhi sengisilethe kubo ngokulondekile lesi sithelo,+ ngizoya eSpaniya ngidlule ngakini.+
29 Ngaphezu kwalokho, ngiyazi ukuthi lapho ngiza kini ngiyokuza nesilinganiso esigcwele sesibusiso esivela kuKristu.+
30 Manje ngiyanikhuthaza, bazalwane, ngeNkosi yethu uJesu Kristu nangothando lomoya,+ ukuba nizikhandle kanye nami emithandazweni kuNkulunkulu ngenxa yami,+
31 ukuba ngikhululwe+ kwabangewona amakholwa eJudiya nokuba inkonzo yami engiyenzela iJerusalema+ ibe ngeyamukelekayo kwabangcwele,+
32 ukuze kuthi uma ngifika kini ngentando kaNkulunkulu ngijabula, ngiqabuleke+ kanye nani.
33 Kwangathi uNkulunkulu onika ukuthula angaba nani nonke.+ Amen.