Eyokuqala YeziKronike 12:1-40
-
Abasekeli bobukhosi bukaDavide (1-40)
12 Lawa kwakungamadoda eza kuDavide eZikilagi + ngesikhathi engakwazi ukuhamba ngokukhululekile ngenxa kaSawule + indodana kaKishi, ayephakathi kwamaqhawe anamandla ayemsekela empini. +
2 Ayehlome ngomnsalo, ekwazi ukusebenzisa isandla sokudla nesobunxele + ukuze ajikijele amatshe ngendwayimane + noma acibishele imicibisholo ngomnsalo. Ayengabafowabo bakaSawule wakwaBhenjamini. +
3 U-Ahiyezeri wayeyinhloko yawo kanye noJowashi, bobabili bengamadodana kaShemaha waseGibheya; + uJeziyeli noPhelethi amadodana ka-Azimaveti, + uBherakha noJehu umAnathoti,
4 u-Ishimaya waseGibheyoni, + iqhawe elinamandla elaliphakathi kwabangamashumi amathathu + futhi libengamele; uJeremiya, uJahaziyeli, uJohanani, uJozabhadi waseGedera,
5 u-Eluzayi, uJerimoti, uBehaliya, uShemariya, uShefathiya umHarifi,
6 u-Elkana, u-Ishiyahu, u-Azareli, uJowezeri noJashobeyamu abangamaKhora; +
7 uJowela noZebadiya amadodana kaJerohamu waseGedori.
8 Abanye bakwaGadi baya ohlangothini lukaDavide esigodlweni ehlane; + babengamaqhawe anamandla, amasosha aqeqeshelwe impi, babemi ngomumo bephethe amahawu amakhulu nemikhonto, benobuso obunjengobamabhubesi futhi benejubane njengezinyamazane ezintabeni.
9 U-Ezeri wayeyinhloko, u-Obadiya engowesibili, u-Eliyabe engowesithathu,
10 uMishimana engowesine, uJeremiya engowesihlanu,
11 u-Athayi engowesithupha, u-Eliyeli engowesikhombisa,
12 uJohanani engoka-8, u-Elizabadi engoka-9,
13 uJeremiya engoweshumi, uMakibhanayi engoka-11.
14 Laba babengabakwaGadi, + izinhloko zebutho lempi. Omncane kunabo bonke wayengalwa nabangu-100, omkhulu kunabo bonke engalwa nabangu-1 000. +
15 Lawa amadoda awela iJordani ngenyanga yokuqala lapho ligcwele kakhulu, axosha bonke ababehlala emathafeni, empumalanga nasentshonalanga.
16 Amanye amadoda akwaBhenjamini nawakwaJuda nawo afika kuDavide esigodlweni sakhe. +
17 UDavide waphuma waya kuwo wathi: “Uma kuwukuthi nize kimi ngokuthula ukuzongisiza, inhliziyo yami izoba munye nani. Kodwa uma kuwukuthi nizele ukuzonginikela kwabaphikisana nami ngibe ngingenzanga lutho olubi, uNkulunkulu wokhokho bethu makakubone lokho ahlulele.” +
18 Umoya wehlela* ku-Amasayi, + inhloko yabangamashumi amathathu, wathi:
“Singabakho Davide, sikanye nawe ndodana kaJese. +
Ukuthula, ukuthula makube ngokwakho, kube ukuthula nakulowo okusizayo,
Ngoba uNkulunkulu wakho uyakusiza.” +
Ngakho uDavide wabemukela wabamisa ukuba babe phakathi kwezinhloko zamaviyo.
19 Abanye bakwaManase nabo baqembukela kuDavide lapho eza namaFilisti ezolwa noSawule; kodwa akazange awasize amaFilisti ngoba ngemva kokucebisana, amakhosi amaFilisti + amxosha, ethi: “Uzoqembukela enkosini yakhe uSawule bese ukuphila kwethu kuba sengozini.” +
20 Lapho eya eZikilagi, + laba bahlamukela kuye bevela kwaManase: u-Adina, uJozabhadi, uJediyayeli, uMikayeli, uJozabhadi, u-Elihu noZilethayi, izinhloko zezinkulungwane zakwaManase. +
21 Basiza uDavide ekulweni neviyo labaphangi, ngoba bonke babengamadoda anamandla nanesibindi, + futhi baba izinduna ebuthweni lempi.
22 Usuku nosuku abantu babelokhu beza kuDavide + bezomsiza, kwaze kwaba ikamu elikhulu njengekamu likaNkulunkulu. +
23 Leli inani lezinhloko zalabo ababehlomele impi abeza kuDavide eHebroni + bezomnika ubukhosi bukaSawule ngokuvumelana nomyalo kaJehova. +
24 Amadoda akwaJuda aphatha amahawu amakhulu nemikhonto ayengu-6 800, ehlomele impi.
25 KwabakwaSimeyoni, amadoda anamandla nanesibindi ebutho lempi ayengu-7 100.
26 KumaLevi ayengu-4 600.
27 UJehoyada + wayengumholi wamadodana ka-Aroni, + kanye naye kwakunamadoda angu-3 700,
28 noZadoki + insizwa enamandla nenesibindi, kanye nezinduna ezingu-22 ezivela emndenini kayise.
29 KwabakwaBhenjamini, abafowabo bakaSawule, + kwakunamadoda angu-3 000, iningi labakwaBhenjamini lalikade liqapha indlu kaSawule.
30 Kwabakwa-Efrayimi kwakunamadoda odumo, anamandla nanesibindi angu-20 800 phakathi kwemindeni yoyise.
31 Kuhhafu wesizwe sakwaManase kwakunamadoda angu-18 000 ayegagulwe ngamagama ukuba azobeka uDavide abe inkosi.
32 Esizweni sakwa-Isakare esasiqonda izikhathi sazi nalokho okufanele kwenziwe u-Israyeli, kwakunezinduna zaso ezingu-200, futhi bonke abafowabo* babengaphansi kwaso.
33 KwaZebhuloni kwakunamadoda angu-50 000 ayelungele impi, enazo zonke izikhali zempi, wonke asekela uDavide ngenhliziyo ephelele.*
34 KwaNafetali kwakunezinduna ezingu-1 000, kanye nazo kwakunamadoda angu-37 000 aphatha amahawu amakhulu nemikhonto.
35 KwabakwaDani, ababelungele impi babengu-28 600.
36 Kwa-Asheri, ababelungele impi babengu-40 000.
37 Kwabavela ngaphesheya kweJordani, + abakwaRubeni, abakwaGadi nohhafu wesizwe sakwaManase, kwakunamasosha angu-120 000 ayenazo zonke izinhlobo zezikhali zempi.
38 Bonke laba babengamadoda empi, alungele impi, ayemi ngezinhlu zawo; eza eHebroni ngenhliziyo ephelele ezobeka uDavide ukuba abe inkosi phezu kwawo wonke u-Israyeli, futhi wonke u-Israyeli owayesele wayehambisana nganhliziyo-nye nokuba uDavide abe inkosi. +
39 Ahlala lapho noDavide izinsuku ezintathu, edla ephuza, ngoba abafowabo babewalungiselele.
40 Nalabo ababeseduze kwawo, ngisho nalabo ababekude le kwa-Isakare, kwaZebhuloni nakwaNafetali, babeletha ukudla bekulayishe ezimbongolweni, emakamelini, eminyuzini nasezinkomeni—izinto ezenziwe ngofulawa, izigaxa zamakhiwane agxishiwe nezamagilebhisi omisiwe, iwayini, amafutha, izinkomo nezimvu eziningi kakhulu, ngoba kwakujatshulwe kwa-Israyeli.
Imibhalo yaphansi
^ NgesiHebheru, “wamboza.”
^ Okuwukuthi, abantu besizwe sakubo.
^ Noma, “awamsekelanga ngenhliziyo embaxa-mbili uDavide.”