Eyokuqala KwabaseKorinte 10:1-33
10 Ngifuna nazi bazalwane, ukuthi okhokho bethu bonke babengaphansi kwefu + futhi bonke badabula olwandle, +
2 bonke babhapathizelwa kuMose ngefu nangolwandle,
3 bonke badla ukudla okufanayo okungokomoya, +
4 bonke baphuza isiphuzo esifanayo esingokomoya. + Ngoba babephuza edwaleni elingokomoya elalibalandela, futhi lelo dwala lalisho uKristu. *+
5 Noma kunjalo, abaningi babo uNkulunkulu akajabulanga ngabo, ngoba babulawa ehlane. +
6 Lezi zinto zaba izibonelo kithi, ukuze singazifisi izinto ezilimazayo, njengoba bona bazifisa. +
7 Ningabi abakhonza izithombe, njengoba abanye kubo benza; njengoba nje kulotshiwe: “Abantu bahlala phansi badla baphuza. Base besukuma bazijabulisa.” +
8 Masingaziphathi kabi ngokocansi,* njengoba abanye kubo baziphatha kabi ngokocansi,* kwaphumela ekufeni kwabangu-23 000 ngosuku olulodwa. +
9 Masingamvivinyi uJehova,* njengoba abanye kubo bamvivinya, + kwamane kwaphumela ekubhujisweni kwabo ngezinyoka. +
10 Ningabubuli, njengoba abanye babo babubula, + kwamane kwaphumela ekubhujisweni kwabo umbhubhisi. +
11 Lezi zinto zabehlela njengezibonelo, zalotshelwa ukuba zibe yisixwayiso kithi + esiphila ekupheleni kwale nkathi.
12 Ngakho, lowo ocabanga ukuthi umile makaqaphele ukuba angawi. +
13 Asikho isilingo esinifikele ngaphandle kwalokho okuvamile kubantu. + Kodwa uNkulunkulu uthembekile, ngeke avumele ukuba nilingwe ngaphezu kwalokho eningakuthwala, + kodwa kanye naleso silingo uyokwenza nendlela yokuphuma ukuze nikwazi ukusikhuthazelela. +
14 Ngakho-ke bathandekayo bami, kubalekeleni ukukhonza izithixo. +
15 Ngikhuluma nani njengabantu abanokuqonda; zinqumeleni nina ngokuqondene nalokho engikushoyo.
16 Lapho siphuza indebe yesibusiso esiyibusisayo, sisuke singahlanganyeli yini egazini likaKristu? + Lapho sidla isinkwa esisihlephulayo, sisuke singahlanganyeli yini emzimbeni kaKristu? +
17 Ngenxa yokuthi isinkwa sinye, nathi, nakuba sibaningi, siwumzimba owodwa, + ngoba sonke sidla leso sinkwa esisodwa.
18 Bhekani u-Israyeli ngendlela engokwenyama: Labo abadla imihlatshelo ababona yini abahlanganyeli kanye ne-altare? +
19 Yini-ke engiyishoyo? Ngithi lokho okuhlatshelwe isithixo kuwutho, noma ngithi isithixo siwutho?
20 Cha; kodwa ngithi lokho izizwe ezikwenza umhlatshelo, zikuhlabela amademoni hhayi uNkulunkulu; + angifuni ukuba nibe abahlanganyeli namademoni. +
21 Anikwazi ukuphuza indebe kaJehova* nibe niphuza indebe yamademoni; anikwazi ukudla “etafuleni likaJehova” *+ nibe nidla etafuleni lamademoni.
22 Noma ‘ingabe senza uJehova* abe nesikhwele’? + Asinamandla kunaye, akunjalo?
23 Zonke izinto zingokomthetho,* kodwa akuzona zonke izinto eziwusizo. Zonke izinto zingokomthetho, kodwa akuzona zonke izinto ezakhayo. +
24 Yilowo nalowo makangazifuneli inzuzo yakhe siqu, kodwa eyomunye umuntu. +
25 Yidlani noma yini ethengiswa emakethe yenyama, ningabuzi lutho ngenxa kanembeza wenu,
26 ngoba “umhlaba nakho konke okukuwo kungokukaJehova.” *+
27 Uma umuntu ongakholwa enimema futhi nithanda ukuya, yidlani noma yini ebekwa phambi kwenu, ningabuzi lutho ngenxa kanembeza wenu.
28 Kodwa uma othile ethi kini: “Lokhu bekwenziwe umhlatshelo,” ningadli ngenxa yalowo onitshelile nangenxa kanembeza. +
29 Angisho unembeza wakho, kodwa owalowo omunye umuntu. Ngoba kungani kufanele inkululeko yami yahlulelwe unembeza womunye umuntu? +
30 Uma ngidla ngokubonga, kungani kumelwe ngihlanjalazwe ngalokho engibongayo ngakho? +
31 Ngakho-ke, kungakhathaliseki ukuthi niyadla noma niyaphuza noma nenza noma yini enye, zonke izinto zenzeleni inkazimulo kaNkulunkulu. +
32 Gwemani ukuba yizimbangela zokukhubeka kumaJuda nakumaGreki nasebandleni likaNkulunkulu, +
33 njengoba nje nami ngizama ukujabulisa bonke abantu ezintweni zonke, ngingafuni ukuzizuzisa mina, + kodwa ukuzuzisa abaningi, ukuze basindiswe. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “kwakunguKristu.”
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Bheka iSithasiselo A5.
^ Bheka iSithasiselo A5.
^ Bheka iSithasiselo A5.
^ Bheka iSithasiselo A5.
^ Noma, “zivumelekile.”
^ Bheka iSithasiselo A5.