Eyokuqala KwabaseKorinte 3:1-23
3 Ngakho bafowethu, angikwazanga ukukhuluma nani njengokungathi ngikhuluma nabantu abaqondiswa umoya kaNkulunkulu, + kodwa njengabantu abalandela izifiso zenyama, njengezinsana + kuKristu.
2 Nganondla ngobisi, hhayi ngokudla okuqinile, ngoba naningakaqini ngokwanele. Eqinisweni, namanje anikaqini ngokwanele, +
3 ngoba nisengabantu abalandela izifiso zenyama. + Ngoba njengoba kukhona umhawu nombango phakathi kwenu, anibona yini abalandela izifiso zenyama + futhi anihambi yini njengoba kuhamba abantu?
4 Ngoba uma omunye ethi, “Mina ngingokaPawulu,” kodwa omunye athi, “Mina ngingoka-Apholo,” + anenzi yini njengabantu abavamile?
5 Ungubani-ke u-Apholo? Ungubani uPawulu? Yizikhonzi + enaba amakholwa ngazo, njengoba nje iNkosi yanikeza umuntu ngamunye.
6 Mina ngatshala, + u-Apholo wanisela, + kodwa uNkulunkulu waqhubeka ekhulisa,
7 ngakho lowo otshalayo akalutho nalowo oniselayo akalutho, kodwa uNkulunkulu okhulisayo nguye owutho. +
8 Lowo otshalayo nalowo oniselayo bamunye,* kodwa umuntu ngamunye uyokwamukela umvuzo wakhe ngokomsebenzi wakhe. +
9 Ngoba siyizisebenzi ezikanye noNkulunkulu. Nina niyinsimu kaNkulunkulu elinywayo, isakhiwo sikaNkulunkulu. +
10 Ngokomusa omkhulu kaNkulunkulu engaphiwa wona, ngabeka isisekelo + njengomakhi ohlakaniphile oyingcweti,* kodwa omunye umuntu wakhela phezu kwaso. Kodwa yilowo nalowo makaqhubeke ebheka indlela akhela ngayo phezu kwaso.
11 Ngoba akekho ongabeka esinye isisekelo ngaphandle kwaleso esibekiwe, esinguJesu Kristu. +
12 Uma umuntu akhela phezu kwalesi sisekelo igolide, isiliva, amatshe ayigugu, ukhuni, utshani obomisiwe noma izinhlanga,
13 umsebenzi womuntu ngamunye uyovezwa ngokwalokho oyikho,* ngoba usuku luyowuveza, ngoba uyokwambulwa ngomlilo, + umlilo uyobonisa ukuthi umsebenzi womuntu ngamunye uluhlobo luni.
14 Uma umsebenzi womuntu awakhele phezu kwaso usala, uyothola umvuzo;
15 uma umsebenzi womuntu usha, uyolahlekelwa, kodwa yena uyosindiswa; nokho uma kunjalo, kuyoba njengokungathi udabule emlilweni.
16 Anazi yini ukuthi nina niyithempeli likaNkulunkulu, + nokuthi umoya kaNkulunkulu uhlala kini? +
17 Uma umuntu ebhidliza ithempeli likaNkulunkulu, uNkulunkulu uyombhubhisa; ngoba ithempeli likaNkulunkulu lingcwele, futhi nina niyilelo thempeli. +
18 Makungabikho muntu ozikhohlisayo: Uma othile phakathi kwenu ecabanga ukuthi uhlakaniphile kuleli zwe,* makabe yisiwula, ukuze ahlakaniphe.
19 Ngoba ukuhlakanipha kwaleli zwe kuwubuwula kuNkulunkulu, ngoba kulotshiwe ukuthi: “Ubamba abahlakaniphile ebuqilini babo.” +
20 Nokuthi futhi: “UJehova* uyazi ukuthi imicabango yabantu abahlakaniphile iyize.” +
21 Ngakho makungabikho muntu oziqhayisa ngabantu; ngoba zonke izinto zingezenu,
22 kungakhathaliseki ukuthi uPawulu noma u-Apholo noma uKhefase *+ noma yizwe noma ukuphila noma ukufa noma izinto ezikhona manje noma izinto ezizayo, zonke izinto zingezenu;
23 nina ningabakaKristu; + uKristu yena ungokaNkulunkulu.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “banomgomo owodwa.”
^ Noma, “njengomqondisi wemisebenzi ohlakaniphile.”
^ NgesiGreki, “uyobonakala.”
^ Noma, “kulesi simiso sezinto.” Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Bheka iSithasiselo A5.
^ Obuye abizwe ngokuthi uPetru.