Eyokuqala KwabaseKorinte 4:1-21
4 Umuntu kufanele asibheke njengezikhonzi zikaKristu nabaphathi bezimfihlo ezingcwele zikaNkulunkulu. +
2 Ngenxa yalokho, okulindelekile kubaphathi ukuthi batholakale bethembekile.
3 Kuyinto engabalulekile kangako kimi ukuthi ngihlolwe yinina noma yinkantolo yabantu.* Empeleni, kwamina angizihloli.
4 Ngokwazi kwami akukho okubi engikwenzile. Kodwa lokho akufakazeli ukuthi ngilungile; ongihlolayo uJehova. *+
5 Ngakho, ningahluleli + lutho ngaphambi kwesikhathi esifanele, kuze kufike iNkosi. Iyoletha izinto ezifihlekile zobumnyama ekukhanyeni futhi yenze izinhloso zenhliziyo zaziwe, khona-ke yilowo nalowo uyothola udumo lwakhe luvela kuNkulunkulu. +
6 Manje bazalwane, ngikhulume lezi zinto ngisebenzisa igama lami nelika-Apholo + ukuze kuzuze nina, ukuze nifunde lo mthetho ngokuqondene nathi: “Ungeqeli ngale kwezinto ezilotshiwe,” ukuze ningakhukhumali niqhoshe, + nibheka omunye njengongcono kunomunye.
7 Ngoba ubani okwenza uhluke komunye? Yini onayo ongazange uyamukele? + Uma ngempela uyamukele, kungani uziqhayisa njengokungathi awuzange uyamukele?
8 Nina senanelisekile kakade? Senicebile kakade? Seniqalile yini ukubusa njengamakhosi + ngaphandle kwethu? Ngempela ngifisa sengathi ngabe seniqalile ukubusa njengamakhosi, ukuze nathi sibuse njengamakhosi kanye nani. +
9 Ngoba kimi kubonakala sengathi uNkulunkulu ubeke thina baphostoli ekugcineni embukisweni njengabantu abanikwe isahlulelo sokufa, + ngenxa yokuthi siye saba umbukwane wasenkundleni yemidlalo ezweni, + nasezingelosini, nakubantu.
10 Thina siyiziwula + ngenxa kaKristu, kodwa nina ninokuqonda kuKristu; thina sibuthakathaka, kodwa nina ninamandla; nina niyahlonishwa, kodwa thina sisehlazweni.
11 Kuze kube yilo kanye leli hora siyaqhubeka silamba + futhi soma, + siswela okokugqoka,* sishaywa, *+ singenamakhaya
12 futhi sikhandleka, sisebenza ngezandla zethu. + Lapho sithukwa, siyabusisa; + lapho sishushiswa, sikhuthazela ngesineke; +
13 lapho sinyundelwa, siphendula ngomoya ozolile; *+ sesinjengezibi* zezwe, imfucumfucu yazo zonke izinto, kuze kube manje.
14 Lezi zinto angizibhaleli ukuba nginibangele amahloni, kodwa ukuba nginiyale njengabantwana bami abathandekayo.
15 Ngoba nakuba ningase nibe nabanakekeli* abangu-10 000 kuKristu, ngokuqinisekile aninabo obaba abaningi; ngoba kuKristu Jesu sengiwuyihlo ngezindaba ezinhle. +
16 Ngakho ngiyanincenga, yibani abalingisi bami. +
17 Yingakho ngithumela uThimothewu kini, ngoba ungumntanami othandekayo nothembekile eNkosini. Uzonikhumbuza izindlela zami ngokuphathelene noKristu Jesu, + njengoba nje ngifundisa kuyo yonke indawo kuwo wonke amabandla.
18 Abanye bakhukhumele bayaqhosha, njengokungathi angizi kini.
19 Kodwa ngizoza kini ngokushesha, uma uJehova* ethanda, futhi ngizowazi amandla alabo abakhukhumele abaqhoshayo, hhayi inkulumo yabo.
20 Ngoba uMbuso kaNkulunkulu awuboniswa ngenkulumo, kodwa uboniswa ngamandla kaNkulunkulu.
21 Yini eniyincamelayo? Ingabe kufanele ngize kini nenduku, + noma nothando nobumnene bomoya?
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “yinkantolo.”
^ Bheka iSithasiselo A5.
^ Noma, “sidukluzwa.”
^ NgesiGreki, “sihamba-ze.”
^ NgesiGreki, “siyancenga.”
^ Noma, “njengodoti.”
^ Noma, “nabafundisi.”
^ Bheka iSithasiselo A5.