Eyokuqala KaSamuweli 28:1-25
-
USawule uya kosebenzelana nemimoya e-Eni-dori (1-25)
28 Ngalezo zinsuku amaFilisti aqoqa amabutho awo ukuze ayolwa no-Israyeli. + Ngakho u-Akhishi wathi kuDavide: “Angithi uyazi ukuthi wena namadoda akanye nawe kufanele nihambe nami siye empini?” +
2 UDavide wathi ku-Akhishi: “Wazi kahle ukuthi yini inceku yakho ezoyenza.” U-Akhishi wathi kuDavide: “Yingakho ngizokumisa ube umqaphi wami njalo.” *+
3 Ngaleso sikhathi uSamuweli wayesefile, wonke u-Israyeli wayemlilele futhi wamngcwaba edolobheni lakubo, eRama. + USawule wayebasusile kwa-Israyeli abasebenzelana nemimoya nababikezeli bekusasa. +
4 AmaFilisti aqoqana, ahamba afike amisa ikamu eShunemi. + Ngakho uSawule waqoqa wonke u-Israyeli, bamisa ikamu eGilibowa. +
5 Lapho uSawule ebona ikamu lamaFilisti wesaba, inhliziyo yakhe yathuthumela kakhulu. +
6 Nakuba uSawule ayebuza kuJehova, + uJehova akazange amphendule, ngamaphupho noma nge-Urimi + noma ngabaprofethi.
7 Ekugcineni uSawule wathi ezincekwini zakhe: “Ngifuneleni owesifazane osebenzelana nemimoya, + ngizoya kuye ngiyobhula.” Izinceku zakhe zathi kuye: “Kukhona owesifazane osebenzelana nemimoya e-Eni-dori.” +
8 Ngakho uSawule wazenza omunye umuntu wagqoka ezinye izingubo, wahamba waya kulowo wesifazane ebusuku, ehamba namadoda amabili. Wafike wathi: “Ngicela ungibhulele, + unginyusele lowo engizomusho kuwe.”
9 Nokho, owesifazane wathi kuye: “Angithi uyakwazi lokho uSawule akwenzile, indlela aqede ngayo abasebenzelana nemimoya nababikezeli bekusasa kwa-Israyeli. + Pho kungani uzama ukungicupha ukuze ngibulawe?” +
10 USawule wafunga uJehova kuye, wathi: “Ngifunga uJehova, ngeke ube nacala kule ndaba!”
11 Owesifazane wabe esethi: “Ngikwenyusele bani?” Wathi: “Ngenyusele uSamuweli.”
12 Lapho owesifazane ebona uSamuweli *+ wamemeza ngalo lonke izwi lakhe, wathi kuSawule: “Ungikhohliseleni? UnguSawule!”
13 Inkosi yathi kuye: “Ungesabi, ngitshele ukuthi ubonani.” Owesifazane wathi kuSawule: “Ngibona kuphuma umuntu okungathi unkulunkulu emhlabathini.”
14 USawule wathi kuye: “Ubukeka kanjani?” owesifazane wathi: “Kukhuphuka ikhehla eligqoke ijazi elingenamikhono.” + USawule wabona ukuthi kwakunguSamuweli, waguqa ubuso bakhe bubheke phansi wakhothama.
15 USamuweli wathi kuSawule: “Ungiphazamiselani ngokucela ukuba ngenyuswe?” USawule waphendula wathi: “Ngisenkingeni enkulu. AmaFilisti alwa nami, noNkulunkulu ungishiyile, akasangiphenduli ngabaprofethi noma ngamaphupho; + yingakho ngibiza wena ukuze ungazise okumelwe ngikwenze.” +
16 USamuweli wathi: “Kungani ubuza kimi njengoba uJehova esekushiyile + futhi emelene nawe?
17 UJehova uzozenzela lokho akubikezela ngami: uJehova uzowuhlwitha umbuso ezandleni zakho awunike umuntu wakini, uDavide. +
18 Ngenxa yokuthi awulilalelanga izwi likaJehova futhi awuwaqothulanga ama-Amaleki ayemcasulile, + yingakho uJehova enza lokhu kuwe namuhla.
19 UJehova uzonikela u-Israyeli kanye nawe esandleni samaFilisti, + kusasa wena + namadodana akho + nizobe nikanye nami. UJehova uzonikela nebutho lakwa-Israyeli ezandleni zamaFilisti.” +
20 USawule wavele wawela phansi, wesaba kakhulu ngenxa yamazwi kaSamuweli. Waphelelwa amandla ngoba wayengadlanga kudla usuku lonke nobusuku bonke.
21 Lapho owesifazane eza kuSawule ebona ukuthi wayekhathazeke kakhulu, wathi kuye: “Incekukazi yakho ililalelile izwi lakho, ngabeka ukuphila kwami engozini, + ngenza lokho okushilo.
22 Manje, ngicela ulalele incekukazi yakho. Ngivumele ngibeke phambi kwakho ucezu lwesinkwa; udle ukuze uthole amandla okuqhubeka nendlela yakho.”
23 Kodwa wenqaba, wathi: “Ngeke ngidle.” Nokho, izinceku zakhe nalona wesifazane babelokhu bemncenga. Ekugcineni wabalalela, wasukuma wahlala embhedeni.
24 Lona wesifazane wayenethole elikhuluphele kwakhe, ngakho washesha walihlaba* wathatha ufulawa waxova inhlama wabhaka isinkwa esingenamvubelo.
25 Waphakela uSawule nezinceku zakhe, badla. Ngemva kwalokho basukuma bahamba ebusuku. +
Imibhalo yaphansi
^ NgesiHebheru, “umqaphi wekhanda lami nsuku zonke.”
^ Noma, “lokho okwakubonakala sengathi uSamuweli.”
^ Noma, “walenza umhlatshelo.”