Eyokuqala KwabaseThesalonika 4:1-18
4 Ekugcineni, bazalwane, njengoba nje namukela umyalo ovela kithi mayelana nendlela okufanele nihambe ngayo ukuze nijabulise uNkulunkulu, + njengoba nje eqinisweni nihamba, siyanicela futhi siyanikhuthaza ngeNkosi uJesu ukuba niqhubeke nikwenza ngokugcwele.
2 Ngoba niyayazi imiyalo* esaninika yona evela eNkosini uJesu.
3 Ngoba yilokhu uNkulunkulu akuthandayo, ukuba nibe ngcwele + nokuba nidede ekuziphatheni kabi ngokocansi. *+
4 Ngamunye wenu kufanele azi ukuthi angawulawula kanjani umzimba* wakhe siqu + ukuze awugcine ungcwele + futhi unodumo,
5 kungabi ngokushisa kwenkanuko yokuya ocansini engalawuleki + enjengaleyo izizwe ezingamazi uNkulunkulu ezinayo. +
6 Akukho muntu okufanele adlulele ngale kwemingcele yokuziphatha futhi alimaze umfowabo kule ndaba, ngoba uJehova* ukhipha isijeziso ngenxa yazo zonke lezi zinto, njengoba nje sanitshela esikhathini esidlule futhi sanixwayisa ngokuqinile.
7 Ngoba uNkulunkulu wasibizela ubungcwele + hhayi ukungcola.
8 Ngakho-ke, umuntu ongakunaki lokhu, akabonisi ukunganaki umuntu, kodwa uNkulunkulu, + osinika umoya wakhe ongcwele. +
9 Nokho, mayelana nothando lobuzalwane, + anidingi ukuba sinibhalele ngoba nina ngokwenu nifundiswa uNkulunkulu ukuba nithandane. +
10 Eqinisweni, lokhu niyakwenza kubo bonke abazalwane kulo lonke elaseMakedoniya. Kodwa siyaninxusa, bazalwane, ukuba niqhubeke nikwenza ngisho nakakhulu.
11 Kwenzeni umgomo wenu ukuphila ngokuthula + nokunaka izindaba zenu siqu + futhi nisebenze ngezandla zenu, + njengoba nje saniyala,
12 ukuze nihambe ngokufanele phambi kwabantu bangaphandle + futhi ningasweli lutho.
13 Ngaphezu kwalokho, bazalwane, asifuni ukuba nibe abangenalwazi ngalabo abalele ekufeni, + ukuze ningadabuki njengabo bonke abanye abangenalo ithemba. +
14 Ngoba uma sinokholo lokuthi uJesu wafa wabuye wavuka, + kanjalo futhi uNkulunkulu uyobanika ukuphila kanye noJesu labo asebalala ekufeni ukuze babe naye. +
15 Ngoba nakhu esinitshela khona ngezwi likaJehova,* ukuthi labo phakathi kwethu abayobe besaphila phakathi nokuba khona kweNkosi ngeke nangayiphi indlela babandulele labo asebalala ekufeni;
16 ngoba iNkosi ngokwayo iyokwehla ezulwini ngezwi elinegunya, ngezwi lengelosi enkulu + nangecilongo likaNkulunkulu, futhi labo abafe bemunye noKristu bayovuka kuqala. +
17 Ngemva kwalokho thina esiphilayo esisekhona siyothathwa kanye nabo ngamafu + ukuze sihlangabeze iNkosi + emoyeni; kanjalo siyoba neNkosi ngaso sonke isikhathi. +
18 Ngakho, qhubekani niduduzana ngala mazwi.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “iziqondiso.”
^ NgesiGreki, i-por·neiʹa. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ NgesiGreki, “isitsha.”
^ Bheka iSithasiselo A5.
^ Bheka iSithasiselo A5.