Eyokuqala KuThimothewu 4:1-16

  • Isixwayiso ngabafundisi bamanga (1-5)

  • Indlela yokuba yisikhonzi esihle sikaKristu (6-10)

    • Ukuqeqesha umzimba nokuzinikela kuNkulunkulu (8)

  • Naka lokho okufundisayo (11-16)

4  Nokho, izwi eliphefumulelwe* lisho ngokucacile ukuthi ezikhathini ezizayo abanye bayowa okholweni, benaka amazwi aphefumulelwe adukisayo *+ nezimfundiso zamademoni,  ngobuzenzisi babantu abakhuluma amanga, + abanonembeza abashile njengokungathi bashiswe ngensimbi yokubeka uphawu.  Banqabela abantu ukuba bashade, + babayala ukuba bazile ukudla + okwadalwa uNkulunkulu ekudalela ukuba kudliwe + ngokubonga yilabo abanokholo + nabalazi ngokunembile iqiniso.  Ngoba yonke indalo kaNkulunkulu yinhle, + futhi akukho lutho okumelwe lwenqatshwe + uma lwamukelwa ngokubonga,  ngoba lungcweliswa ngezwi likaNkulunkulu nangokuthandazelwa.  Ngokunikeza abazalwane lesi seluleko, uyoba yisikhonzi esihle sikaKristu Jesu, esondliwa ngamazwi okholo nawemfundiso enhle oye wayilandela eduze. +  Kodwa zenqabe izindaba ezingamanga nezihlambalazayo, + ezinjengalezo ezixoxwa izalukazi. Ngakolunye uhlangothi, ziqeqeshe unomgomo wokuzinikela kuNkulunkulu.  Ngoba ukuqeqesha umzimba* kuzuzisa kancane, kodwa ukuzinikela kuNkulunkulu kuzuzisa ezintweni zonke, kunesithembiso sokuphila kwamanje nokuphila okuzayo. +  Lawo mazwi athembekile futhi afanelwe ukwamukelwa ngokugcwele. 10  Yingakho sisebenza kanzima futhi sizikhandla, + ngoba ithemba lethu silibeke kuNkulunkulu ophilayo, onguMsindisi + wazo zonke izinhlobo zabantu, + ikakhulukazi walabo abathembekile. 11  Qhubeka unikeza le miyalo futhi ufundisa. 12  Ungalokothi uvumele noma ubani abukele phansi ubusha bakho. Kunalokho, yiba isibonelo kwabathembekile ngokukhuluma, ngokuziphatha, ngothando, ngokholo nangobumsulwa.* 13  Qhubeka uzimisela ekufundeleni iningi, + ekukhuthazeni,* ekufundiseni ngize ngifike. 14  Ungasidebeseli isiphiwo esikuwe owasinikwa ngesiprofetho ngesikhathi indikimba yabadala ikubeka izandla. + 15  Zindla* ngalezi zinto; ugxile kuzo, ukuze intuthuko yakho ibonakale ngokucacile kubo bonke abantu. 16  Zinake njalo wena nalokho okufundisayo. + Qhubeka wenza lezi zinto, ngoba ngokwenza lokhu uyozisindisa wena nabakulalelayo. +

Imibhalo yaphansi

NgesiGreki, “umoya.”
NgesiGreki, “imimoya edukisayo.”
Noma, “ukuzivocavoca.”
Noma, “nangokuhlanzeka.”
Noma, “ekunxuseni.”
Noma, “Cabangisisa.”