Eyesibili YamaKhosi 20:1-21
20 Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula wacishe wafa. + Kwabe sekufika u-Isaya umprofethi indodana ka-Amozi kuye wathi: “Yilokhu uJehova akushoyo, ‘Nikeza umndeni wakho* iziqondiso, ngoba uzofa; ngeke ululame.’ ” +
2 UHezekiya waphenduka wabheka odongeni wathandaza kuJehova, wathi:
3 “O Jehova, ngiyakuncenga, ngicela ukhumbule indlela engihambe ngayo phambi kwakho ngokwethembeka nangenhliziyo ephelele, ngenze okuhle emehlweni akho.” + UHezekiya wabe esekhala kakhulu.
4 U-Isaya wayengakaphumeli egcekeni eliphakathi lapho izwi likaJehova lifika kuye, lithi: +
5 “Phindela emuva, uthi kuHezekiya umholi wabantu bami, ‘Yilokhu uJehova uNkulunkulu kaDavide ukhokho wakho akushoyo: “Ngiwuzwile umthandazo wakho. Ngizibonile izinyembezi zakho. + Ngizokwelapha ekuguleni kwakho. + Ngosuku lwesithathu ukusuka manje uzokhuphukela endlini kaJehova. +
6 Ngizonezela iminyaka engu-15 ekuphileni kwakho* futhi ngizokusindisa wena naleli dolobha esandleni senkosi yase-Asiriya, + ngizolivikela leli dolobha ngenxa yami nangenxa kaDavide inceku yami.” ’ ” +
7 U-Isaya wathi: “Lethani ikhekhe lamakhiwane omisiwe agxishiwe.” Ngakho baliletha balibeka ethumbeni, ngemva kwalokho walulama kancane kancane. +
8 UHezekiya wayebuze u-Isaya wathi: “Yiluphi uphawu + engizobona ngalo ukuthi uJehova uzongelapha nokuthi ngizoya endlini kaJehova ngosuku lwesithathu?”
9 U-Isaya waphendula wathi: “Yilolu uphawu oluvela kuJehova ukuze ubone ukuthi uJehova uzoligcwalisa izwi alikhulumile: Ingabe ufuna isithunzi esisezitebhisini* siye phambili ngamagxathu ayishumi noma siphindele emuva ngamagxathu ayishumi?” +
10 UHezekiya wathi: “Kuyinto elula ukuba isithunzi siye phambili ngamagxathu ayishumi, kodwa hhayi ukuba siphindele emuva ngamagxathu ayishumi.”
11 Ngakho u-Isaya umprofethi wabiza uJehova, Yena wenza ukuba isithunzi esisezitebhisini zika-Ahazi siphindele emuva ngamagxathu ayishumi esase sehlile kuzo. +
12 Ngaleso sikhathi inkosi yaseBhabhiloni uBerodaki-bhaladani indodana kaBhaladani yathumela izincwadi nesipho kuHezekiya, ngoba yayizwile ukuthi uHezekiya wayekade egula. +
13 UHezekiya wazamukela* izithunywa wazibonisa yonke indawo yakhe yokugcina ingcebo +—isiliva, igolide, amafutha ebhalsamu namanye amafutha ekhethelo, izikhali zakhe nakho konke okwakutholakala endaweni yakhe yokugcina ingcebo. Akukho lutho uHezekiya angazange azibonise lona esigodlweni sakhe* nakuwo wonke umbuso wakhe.
14 Ngemva kwalokho u-Isaya umprofethi waya eNkosini uHezekiya wathi kuyo: “Atheni la madoda futhi avelaphi?” Ngakho uHezekiya wathi: “Avela ezweni elikude, eBhabhiloni.” +
15 Wayesethi: “Aboneni endlini yakho?”* UHezekiya wathi: “Abone konke okusendlini yami.* Akukho lutho engingawabonisanga kona endaweni engigcina kuyo ingcebo yami.”
16 U-Isaya wathi kuHezekiya: “Yizwa izwi likaJehova, +
17 ‘Ziyeza izinsuku lapho konke okusendlini yakho* nalokho okhokho bakho abakuqongelela, kuyothwalwa kuyiswe eBhabhiloni. + Akukho lutho oluyosala,’ kusho uJehova.
18 “Abanye enzalweni yakho, bayothathwa + babe yizikhulu zegceke esigodlweni senkosi yaseBhabhiloni.’ ” +
19 UHezekiya wathi ku-Isaya: “Izwi likaJehova olikhulumile lihle.” + Waqhubeka wathi: “Kuhle uma kuzoba nokuthula nokuzinza* phakathi nesikhathi sokuphila* kwami.” +
20 Ngokuqondene nawo wonke omunye umlando kaHezekiya nawo wonke amandla akhe nendlela enza ngayo ichibi + nomsele ukuze alethe amanzi edolobheni, + kulotshiwe encwadini yomlando wamakhosi akwaJuda.
21 Ngemva kwalokho uHezekiya washona, wangcwatshwa nokhokho bakhe; + uManase indodana yakhe + waba inkosi esikhundleni sakhe. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “abendlu yakho.”
^ NgesiHebheru, “ezinsukwini zakho.”
^ Kungenzeka ukuthi lezi zitebhisi zazisetshenziselwa ukubala isikhathi.
^ Noma, “endlini yakhe.”
^ Noma, “wazilalela.”
^ Noma, “esigodlweni sakho.”
^ Noma, “okusesigodlweni sami.”
^ Noma, “okusesigodlweni sakho.”
^ NgesiHebheru, “nezinsuku zokuphila.”
^ Noma, “neqiniso.”