Eyesibili YeziKronike 10:1-19
-
U-Israyeli uvukela uRehobowamu (1-19)
10 URehobowamu waya eShekemi, + ngoba wonke u-Israyeli wafika eShekemi ezombeka abe inkosi. +
2 Kwathi nje lapho uJerobowamu + indodana kaNebhati ezwa ngakho (wayeseseGibhithe ngoba wayebalekile ngenxa yeNkosi uSolomoni), + uJerobowamu wabuya eGibhithe.
3 Ngemva kwalokho bathumela bambiza, uJerobowamu nawo wonke u-Israyeli bafika kuRehobowamu, bathi:
4 “Uyihlo wenza ijoka lethu laba nzima. + Kodwa uma wena wenza umsebenzi onzima kayihlo ube lula, uxegisa nejoka elisindayo* alibeke phezu kwethu, sizokukhonza.”
5 Wabaphendula wathi: “Buyani kimi ngemva kwezinsuku ezintathu.” Ngakho abantu bahamba. +
6 INkosi uRehobowamu yacela iseluleko emadodeni amadala ayekhonze uSolomoni uyise ngesikhathi esaphila, yathi: “Ningangeluleka ukuba ngisiphendule ngithini lesi sizwe?”
7 Ayiphendula athi: “Uma usiphatha kahle lesi sizwe usijabulise, usiphendule kahle, siyoba yizinceku zakho njalo.”
8 Nokho, yasenqaba iseluleko samadoda amadala, yacela iseluleko ezinsizweni ezingontanga bayo, ezaziyizikhonzi zayo. +
9 Yathi kuzo: “Ningeluleka ukuba ngisiphendule ngithini lesi sizwe esithe kimi, ‘Lenze libe lula ijoka uyihlo alibeka phezu kwethu’?”
10 Izinsizwa ezingontanga bayo zayiphendula zathi: “Yilokhu okufanele ukusho esizweni esithe kuwe, ‘Uyihlo wenza ijoka lethu laba nzima, kodwa wena kufanele usenzele lona libe lula’; yilokhu okufanele ukusho kubo, ‘Mina ngizolindela okungaphezu kokwakufunwa ubaba.*
11 Ubaba wanithwesa ijoka elisindayo, kodwa mina ngizonezela ejokeni lenu. Ubaba wanishaya ngeziswebhu, kodwa mina ngizonishaya ngeziswebhu ezinameva.’ ”
12 UJerobowamu nabo bonke abantu beza kuRehobowamu ngosuku lwesithathu, njengoba nje inkosi yayishilo yathi: “Buyani kimi ngosuku lwesithathu.” +
13 Kodwa inkosi yabaphendula ngokhahlo. INkosi uRehobowamu yasenqaba iseluleko samadoda amadala.
14 Yakhuluma nabo ngokwalokho izinsizwa ezaziyeluleke ngakho, yathi: “Ngizokwenza ijoka lenu libe nzima kakhulu, futhi ngizonezela kulo. Ubaba wanishaya ngeziswebhu, kodwa mina ngizonishaya ngeziswebhu ezinameva.”
15 Ngakho inkosi ayizange ibalalele abantu, ngoba lokhu kwabangelwa uNkulunkulu weqiniso + ukuze kufezeke izwi uJehova ayelikhulume ngo-Ahiya + waseShilo kuJerobowamu indodana kaNebhati.
16 Kodwa ngenxa yokuthi inkosi ayibalalelanga, wonke u-Israyeli wayiphendula wathi: “Akukho okusihlanganise noDavide! Asinafa endodaneni kaJese. O Israyeli, yilowo nalowo makaye konkulunkulu bakhe! Wena Davide, naka indlu yakho!” + Ngakho wonke u-Israyeli wabuyela emakhaya. *+
17 Kodwa uRehobowamu waqhubeka ebusa ama-Israyeli ayehlala emadolobheni akwaJuda. +
18 INkosi uRehobowamu yabe isithumela uHadoramu, + owayengamele labo ababebuthelwe ukwenza umsebenzi oyimpoqo, kodwa ama-Israyeli amshaya ngamatshe waze wafa. INkosi uRehobowamu yakwazi ukugibela inqola yayo yabalekela eJerusalema. +
19 Ama-Israyeli abelokhu evukela indlu kaDavide kuze kube namuhla.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “elicindezelayo.”
^ NgesiHebheru, “Ucikicane wami uzoba mkhulu kunokhalo lukababa.”
^ NgesiHebheru, “ematendeni akhe.”