Eyesibili YeziKronike 2:1-18
-
Amalungiselelo okwakha ithempeli (1-18)
2 Manje uSolomoni wakhipha umyalo wokuba kwakhelwe igama likaJehova indlu, + kwakhiwe nendlu* yobukhosi bakhe. +
2 USolomoni wabhalisa amadoda angu-70 000 aba izisebenzi ezenza imisebenzi evamile,* angu-80 000 aba abasiki bamatshe ezintabeni, + nangu-3 600 ukuba engamele la madoda. +
3 Ngaphezu kwalokho, uSolomoni wathumela umyalezo kuHiramu + inkosi yaseThire, ethi: “Ngithumelele izingodo zomsedari njengoba wathumelela uDavide ubaba ukuze akhe indlu* ayezohlala kuyo. +
4 Manje ngakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu ukuze ngiyingcwelisele yena, ngishise impepho enamakha + phambi kwakhe, kube khona nezinkwa ezitakelene *+ neminikelo eshiswayo ekuseni nakusihlwa, + ngamaSabatha, + ngokwethwasa kwezinyanga + nangezinkathi zemikhosi + kaJehova uNkulunkulu wethu. Lesi isibopho sika-Israyeli saphakade.
5 Indlu engiyakhayo iyoba nkulu, ngoba uNkulunkulu wethu mkhulu kunabo bonke abanye onkulunkulu.
6 Ubani okulungele ukumakhela indlu? Ngoba amazulu nezulu lamazulu akukwazi ukumthwala, + pho ngingubani mina ukuba ngimakhele indlu? Engingakwenza nje ukwakha indawo yokushunqisa umusi womhlatshelo phambi kwakhe.
7 Manje ngithumelele umuntu oyingcweti, onekhono lokusebenza ngegolide, ngesiliva, ngethusi, + ngensimbi, ngoboya obuphephuli, obubomvu nangentambo eluhlaza okwesibhakabhaka, nokwaziyo ukuqopha. Uzosebenza kwaJuda naseJerusalema nezingcweti zami ezinekhono, lezo uDavide ubaba azilungiselele. +
8 Ngithumelele nezingodo zaseLebhanoni zomsedari, umjunipha + nom-aligamu, + ngoba ngazi kahle ukuthi izinceku zakho zingomakadebona ekugawuleni izihlahla zaseLebhanoni. + Izinceku zami zizosebenza kanye nezinceku zakho +
9 ukuze zingilungisele izingodo eziningi kakhulu, ngoba indlu engizoyakha izoba nkulu ngendlela engavamile.
10 Izinceku zakho ezigawula izihlahla ngizozinika ukudla: + ukolweni ongamakhora* angu-20 000, ibhali elingamakhora angu-20 000, iwayini elingamabhathi* angu-20 000 namafutha angamabhathi angu-20 000.”
11 UHiramu inkosi yaseThire wabe esethumela lo myalezo obhaliwe kuSolomoni: “Ngenxa yokuthi uJehova uyasithanda isizwe sakhe, ukwenze waba inkosi yaso.”
12 UHiramu wabe esethi: “Makadunyiswe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, owenza amazulu nomhlaba, ngoba unike uDavide inkosi indodana ehlakaniphile, + ekhaliphile nenokuqonda, + ezokwakhela uJehova indlu kanye nendlu yobukhosi bayo.
13 Manje ngikuthumelela ingcweti enekhono nenokuqonda, uHiramu-abi, +
14 eyindodana yowesifazane wakwaDani kodwa uyise kungumuntu waseThire; ingumakadebona ekusebenzeni ngegolide, ngesiliva, ngethusi, ngensimbi, ngamatshe, ngezingodo, ngoboya obuphephuli, ngentambo eluhlaza okwesibhakabhaka, ngendwangu esezingeni eliphezulu, nebomvu. + Ingaqopha noma yini, yenze imiklamo yanoma yiluphi uhlobo. + Izosebenza kanye nezingcweti zakho ezinekhono nezingcweti ezinekhono zenkosi yami uDavide uyihlo.
15 Manje inkosi yami mayithumele ukolweni, ibhali, amafutha newayini ekuthembise izinceku zayo. +
16 Thina sizogawula izihlahla zaseLebhanoni, + zibe ningi ngokwezidingo zakho, sizozibophela ndawonye sizintantise zihambe olwandle ziye eJopha; + wena uzozikhuphulela eJerusalema.” +
17 USolomoni wabe esebala wonke amadoda ayeyizifiki ezweni lakwa-Israyeli, + ngemva kokubalwa kwawo okwakwenziwe uDavide uyise, + kwatholakala ukuthi angu-153 600.
18 Ngakho angu-70 000 wawabela ukuba abe izisebenzi ezenza imisebenzi evamile,* angu-80 000 aba abasiki bamatshe + ezintabeni, angu-3 600 engamela abantu emsebenzini. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “nesigodlo.”
^ Noma, “aba abathwali bemithwalo.”
^ Noma, “isigodlo.”
^ Okuwukuthi, isinkwa sokubukwa.
^ Ikhora lalilingana no-220 L. Bheka iSithasiselo B14.
^ Ibhathi lalilingana no-22 L. Bheka iSithasiselo B14.
^ Noma, “abe abathwali bemithwalo.”