Eyesibili KaJohane 1:1-13
1 Mina ndoda endala,* ngibhalela inkosazane ekhethiwe. Ngibhalela nabantwana bayo. Ngibathanda ngeqiniso, kungemina ngedwa, kodwa nabo bonke labo asebelazi iqiniso,
2 ngenxa yeqiniso elihlala kithi, futhi eliyoba nathi kuze kube phakade.
3 Umusa omkhulu uyoba nathi, nesihe nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuJesu Kristu, iNdodana kaBaba, kanye neqiniso nothando.
4 Ngijabula kakhulu ngoba abanye kubantwana bakho ngibathole behamba eqinisweni, + njengoba nje samukela umyalo ovela kuBaba.
5 Manje ngiyakucela nkosazana, ukuba sithandane. (Angikubhaleli umyalo omusha, kodwa lowo ebesilokhu sinawo kusukela ekuqaleni.) +
6 Yilokhu okushiwo uthando, ukuba siqhubeke sihamba ngokwemiyalo yakhe. + Nanku umyalo, njengoba nje nizwile kusukela ekuqaleni, ukuthi kufanele niqhubeke nihamba ngawo.
7 Ngoba sekukhona abakhohlisi abaningi ezweni, + labo abangavumi ukuthi uJesu Kristu weza engumuntu. *+ Lona ngumkhohlisi nomphik’ ukristu. +
8 Ziqapheleni ukuze ningalahlekelwa izinto esisebenzele ukuzikhiqiza, kodwa ukuba nithole umvuzo ogcwele. +
9 Wonke umuntu odlulela phambili angahlali emfundisweni kaKristu akanaye uNkulunkulu. + Lowo ohlalayo kule mfundiso nguye onabo bobabili uBaba neNdodana. +
10 Uma umuntu eza kini futhi engalethi le mfundiso, ningamamukeli emakhaya enu + noma nimbingelele.
11 Ngoba lowo ombingelelayo uhlanganyela naye emisebenzini yakhe emibi.
12 Nakuba nginezinto eziningi enginganibhalela zona, angifuni ukwenza kanjalo ngephepha nango-inki, kodwa ngithemba ukuthi ngizofika kini futhi ngikhulume nani ubuso nobuso, ukuze injabulo yenu igcwale.
13 Abantwana bakadadewenu, okhethiwe, bayakhonza kuwe.