Eyesibili KwabaseKorinte 10:1-18
10 Manje mina Pawulu, nginincenga ngobumnene nangomusa kaKristu, + nakuba ngiphansi lapho ngiphakathi kwenu sibhekene ubuso nobuso, + kodwa nginesibindi uma ngingekho nani. +
2 Nginethemba lokuthi lapho ngifika kini ngeke kudingeke ngibathathele izinyathelo eziqinile labo abacabanga ukuthi sihamba njengabantu baleli zwe.*
3 Ngoba nakuba sihamba enyameni, asilwi impi ngokwalokho esiyikho enyameni.
4 Ngoba izikhali zempi yethu azizona ezenyama, + kodwa ngoNkulunkulu zinamandla + okugumbuqela izinto ezimbelwe ngokuqinile.
5 Ngoba sigumbuqela imicabango kanye nayo yonke into ephakeme ephakanyiswe yamelana nolwazi ngoNkulunkulu, + futhi sithumba yonke imicabango ukuze siyenze ilalele uKristu;
6 sikulungele ukukhipha isijeziso ngakho konke ukungalaleli, + lapho nje nibonisa ukuthi nilalela ngokugcwele.
7 Nibheka izinto ngokubonakala kwazo kwangaphandle. Uma umuntu ezithemba yena ukuthi ungokaKristu, makaphinde acabange ngaleli qiniso: Njengoba nje engokaKristu, nathi singabakhe.
8 Ngisho noma ngingaziqhayisa kakhudlwana ngegunya iNkosi eyasinika lona lokuba sinakhe hhayi ukuba sinidilize, + ngeke ngihlazeke.
9 Ngoba angifuni kubonakale sengathi ngangizama ukunesabisa ngezincwadi zami.
10 Ngoba bathi: “Izincwadi zakhe zinesisindo futhi zinamandla, kodwa ukuba khona kwakhe ngokoqobo kubuthakathaka nokukhuluma kwakhe kudelelekile.”
11 Umuntu onjalo makacabange ngokuthi lokho esikushoyo* ngezincwadi uma singekho, yikho futhi esiyokwenza* uma sikhona. +
12 Ngoba asilokothi sizifake esigabeni sabathile noma siziqhathanise nabathile abazitusa bona. + Kodwa lapho bezikala ngabo ngokwabo futhi beziqhathanisa nabo ngokwabo, abanakho ukuqonda. +
13 Nokho, ngeke siziqhayise ngaphandle kwemingcele yethu esiyabelwe, kodwa phakathi komngcele wendawo uNkulunkulu asikalele yona, eyenza ifinyelele ngisho nakini. +
14 Ngempela, asenzi lutho ngaphandle kwemingcele esiyabelwe njengokungathi asizange sifike kini, ngoba sasingabokuqala ukuba sifike kini nezindaba ezinhle mayelana noKristu. +
15 Cha, asiziqhayisi ngaphandle kwemingcele yethu esiyabelwe ngomshikashika womunye umuntu, kodwa sinethemba lokuthi njengoba ukholo lwenu luqhubeka lwanda, lokho esikwenzile kungandiswa endaweni yethu. Khona-ke sizovama nakakhulu,
16 ukuze simemezele izindaba ezinhle emazweni angaphesheya kwenu, ukuze singaziqhayisi ngento esiyenziwe endaweni yomunye umuntu.
17 “Kodwa lowo oziqhayisayo, makaziqhayise ngoJehova.” *+
18 Ngoba akuyena ozitusayo owamukelekayo, + kodwa yilowo otuswa uJehova. *+
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “ngokwenyama.”
^ NgesiGreki, “lokho esiyikho ngezwi.”
^ NgesiGreki, “esiyoba yikho ngesenzo.”
^ Bheka iSithasiselo A5.
^ Bheka iSithasiselo A5.