Eyesibili KwabaseKorinte 5:1-21
5 Ngoba siyazi ukuthi uma indlu yethu yasemhlabeni, leli tende, ingase idilizwe, *+ siyoba nesakhiwo esivela kuNkulunkulu, indlu engenziwanga ngezandla, + ehlala phakade emazulwini.
2 Ngoba kule ndlu* siyabubula impela, sifisa ngobuqotho ukugqoka leyo engeyethu* evela ezulwini, *+
3 ukuze kuthi lapho sesiyigqoka, singatholakali sihamba-ze.
4 Eqinisweni, thina esikuleli tende siyabubula, njengoba sisindwa, ngoba asifuni ukulikhumula, kodwa sifuna ukugqoka elinye, + ukuze lokho okufayo kugwinywe ukuphila. +
5 Lowo owasilungiselela yona kanye le nto uNkulunkulu, + owasinika umoya njengophawu* lwalokho okuzayo. +
6 Ngakho sinesibindi ngaso sonke isikhathi futhi siyazi ukuthi nakuba sinekhaya lethu emzimbeni, asikho eNkosini, +
7 ngoba sihamba ngokholo, hhayi ngokubona.
8 Kodwa sinesibindi futhi singancamela ukungabi khona emzimbeni nokuba sakhe ikhaya lethu eNkosini. +
9 Ngakho kungakhathaliseki ukuthi sisekhaya nayo noma asikho kuyo, sikwenza umgomo wethu ukuba samukeleke kuyo.
10 Ngoba sonke kumelwe sivele* phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKristu, ukuze ngamunye athole umvuzo ngokwezinto azenzile ngesikhathi esesemzimbeni, kungakhathaliseki ukuthi zinhle noma zimbi. +
11 Ngakho njengoba sikwazi ukwesaba iNkosi, siyaqhubeka sithonya abantu, kodwa uNkulunkulu usazi kahle.* Nokho, ngithemba ukuthi nonembeza benu basazi kahle.*
12 Akukhona ukuthi siyaphinda futhi siyaziqhayisa kini, kodwa sininika isizathu sokuziqhayisa ngathi, ukuze nikwazi ukuphendula labo abaziqhayisa ngalokho okubonakala ngaphandle + kodwa hhayi ngalokho okusenhliziyweni.
13 Ngoba uma sasihlanya, + sasihlanyela uNkulunkulu; uma sihluzekile engqondweni, sihluzekele nina.
14 Ngoba uthando uKristu analo lusibusa ngokuphelele, ngoba yilokhu esiphethe ngakho, ukuthi umuntu oyedwa wabafela bonke; + ngakho-ke, bonke bafile.
15 Wabafela bonke ukuze labo abaphilayo bangabe besaziphilela bona, + kodwa baphilele lowo owabafela wabuye wavuswa.
16 Ngakho kusukela manje kuqhubeke, asazi muntu ngokombono wabantu. + Ngisho noma sake samazi uKristu ngokombono wabantu, ngokuqinisekile asisamazi ngaleyo ndlela. +
17 Ngakho, uma umuntu emunye noKristu, uyindalo entsha; + izinto ezindala zadlula; sekukhona izinto ezintsha.
18 Kodwa zonke izinto zivela kuNkulunkulu, owasenza sabuyisana naye ngoKristu, + wasinika inkonzo yokubuyisana, +
19 ewukuthi, uNkulunkulu wayenza izwe libuyisane naye ngoKristu, + engalibaleli izono zalo, + futhi usiphathise izwi lokubuyisana. +
20 Ngakho thina singamanxusa + abambele uKristu, + njengokungathi uNkulunkulu uncenga ngathi. Njengababambele uKristu siyancenga: “Buyisanani noNkulunkulu.”
21 Lowo ongazange asazi isono + wamenza waba umhlatshelo wesono ngenxa yethu, ukuze ngaye sibe ukulunga kukaNkulunkulu. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “ibhidlizwe.”
^ Noma, “ndlu yokuhlala.”
^ Noma, “eyindawo yethu yokuhlala.”
^ Noma, “endaweni yethu yokuhlala yasezulwini.”
^ Noma, “njengesiqinisekiso.”
^ Noma, “sibonakaliswe.”
^ Noma, “siyabonakaliswa kuNkulunkulu.”
^ Noma, “sibonakalisiwe nakonembeza benu.”