Eyesibili KaPetru 2:1-22
2 Nokho, kwaba khona nabaprofethi bamanga phakathi kwesizwe, njengoba beyoba khona abafundisi bamanga naphakathi kwenu. + Laba bayongenisa ngesinyenyela amahlelo ayoqeda ukholo lwenu futhi bayophika ngisho nomnikazi owabathenga, + ngenxa yalokho bayobhujiswa ngokushesha.
2 Ngaphezu kwalokho, abaningi bayolandela izenzo zabo zokuziphatha kabi okuhambisana nendelelo, *+ futhi ngenxa yabo indlela yeqiniso iyohlanjalazwa. +
3 Ngobugovu bayonixhaphaza ngamazwi enkohliso. Kodwa isahlulelo sabo, esanqunywa kudala, + asibahambeli kancane futhi ukubhujiswa kwabo akozeli. +
4 Ngokuqinisekile uNkulunkulu akayekanga ukujezisa izingelosi ezona, + kodwa waziphonsa eThartharusi, *+ ezibopha ngamaketanga* obumnyama obukhulu ukuze zigcinelwe ukwahlulelwa. +
5 Akayekanga nokujezisa izwe lasendulo, + kodwa wagcina uNowa, umshumayeli wokulunga, + ephephile nabanye abayisikhombisa + lapho eletha uzamcolo ezweni labantu abangamhloniphi uNkulunkulu. +
6 Futhi washisa amadolobha aseSodoma naseGomora aba umlotha, wawalahla, + ebekela abantu abangamhloniphi uNkulunkulu isibonelo sezinto ezizayo. +
7 Wakhulula uLoti olungile, + owayecindezeleke kakhulu ngenxa yokuziphatha kabi okuhambisana nendelelo* kwabantu abangenamthetho—
8 ngoba usuku nosuku lowo muntu olungile wayehlupha umphefumulo* wakhe olungile ngenxa yezenzo zokungabi namthetho azibona nazizwa ngesikhathi esahlala phakathi kwabo.
9 Ngakho uJehova* uyayazi indlela yokubakhulula ekulingweni abantu abazinikele kuye, + kodwa agcine abantu abangalungile ukuze babhujiswe* ngosuku lokwahlulelwa, +
10 ikakhulukazi labo abazitika ngocansi nabanye ukuze babangcolise + kanye nalabo abangalihloniphi igunya. *+
Njengoba benamagangangozi futhi benenkani, abesabi ukuhlambalaza abakhazimulayo,
11 kanti izingelosi, nakuba zinezikhwepha namandla amakhulu kunabo, aziziletheli icala ngamazwi ahlambalazayo, ngenxa yokuhlonipha* uJehova. *+
12 Kodwa laba bantu, njengezilwane ezingenangqondo ezilandela umuzwa wemvelo* futhi ezizalelwa ukuba zibanjwe zibulawe, bakhuluma amazwi okuhlambalaza ngezinto abangenalwazi ngazo. + Bayobhujiswa ngenxa yenkambo yabo embi,
13 bajeziswe njengomphumela wezenzo zabo ezimbi.
Bakubheka njengenjabulo ukuphila ngokunethezeka + ngisho nasemini. Bangamabala nezisihla, bajabula* ezimfundisweni zabo zokukhohlisa kuyilapho bedla emadilini kanye nani. +
14 Banamehlo agcwele ukuphinga + futhi abakwazi ukuyeka isono, bayenga abangagxilile. Banezinhliziyo eziqeqeshelwe ukuhaha. Bangabantwana abaqalekisiwe.
15 Bashiye indlela eqondile, badukiswa. Baye balandela indlela kaBhalami, + indodana kaBheyori, owathanda umvuzo ayezowuthola ngokwenza okubi, +
16 kodwa wasolwa ngokwaphula kwakhe lokho okwakulungile. + Isilwane esithwalayo esingenazwi, sikhuluma ngezwi lomuntu, sanqanda inkambo yobuhlanya yalowo mprofethi. +
17 Laba bayimithombo engenamanzi, nenkungu eqhutshwa isivunguvungu esinamandla, futhi babekelwe ubumnyama obukhulu. +
18 Bakhuluma amazwi okuzikhukhumeza angasizi ngalutho. Ngezifiso zenyama + nangezenzo zokuziphatha kabi okuhambisana nendelelo,* bayenga abantu abasanda kuphunyuka kulabo abaphila esonweni. +
19 Nakuba bebathembisa inkululeko, bona ngokwabo bayizigqila zokonakala; + ngoba noma ubani onqotshwa omunye, uyisigqila sakhe. *+
20 Ngokuqinisekile uma ngemva kokuphunyuka ekungcoleni kwezwe + ngolwazi olunembile ngeNkosi noMsindisi uJesu Kristu, bephinda behileleka kuzo kanye lezi zinto futhi benqotshwa, izimo zabo zokugcina sezizimbi kakhulu kunezokuqala. +
21 Bekuyoba ngcono ukuba babengayazanga ngokunembile indlela yokulunga kunokuthi ngemva kokuyazi, bafulathele umyalo ongcwele abawuthola. +
22 Kwenzeke kubo isaga esiyiqiniso esithi: “Inja ibuyele emhlanzweni wayo,* nengulube yensikazi ebigeziwe ibuyele ekuzigingqeni odakeni.” +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “izenzo zabo zokuziphatha okuyichilo.” Inkulumo esebuningini yegama lesiGreki elithi a·selʹgei·a. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma kungaba, “emigodini.”
^ Noma, “yokuziphatha okuyichilo.” NgesiGreki, a·selʹgei·a. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Bheka iSithasiselo A5.
^ NgesiGreki “banqunywe.”
^ Noma, “ababubukela phansi ubukhosi.”
^ Noma, “yokuhlonipha phambi.”
^ Bheka iSithasiselo A5.
^ Noma, “ezingenangqondo ngokwemvelo.”
^ Noma, “bathola injabulo echichimayo.”
^ Noma, “nangezenzo zokuziphatha okuyichilo.” Inkulumo esebuningini yegama lesiGreki elithi a·selʹgei·a. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “onqotshwa okuthile, uyisigqila sako.”
^ Noma, “ebuhlanzweni bayo.”