Eyesibili KaPetru 3:1-18
3 Bathandekayo, le ncwadi ngeyesibili enginibhalela yona, njengasencwadini yami yokuqala, ngivusa ngayo amandla enu okucabanga ngokucacile, ngendlela yokunikhumbuza, +
2 ukuba nikhumbule amazwi akhulunywa ngaphambili* abaprofethi abangcwele nomyalo weNkosi noMsindisi enawuthola ngabaphostoli benu.
3 Okokuqala yazini lokhu, ukuthi ezinsukwini zokugcina kuyofika abahleki bosulu nokuhleka kwabo usulu, beqhubeka ngokwezifiso zabo +
4 bethi: “Kuphi lokhu kuba khona kwakhe okuthenjisiwe? + Phela, kusukela osukwini okhokho bethu abafa ngalo, zonke izinto ziqhubeka ngokufana ncamashi nasekuqaleni kwendalo.” +
5 Ngoba balishalazela ngamabomu leli qiniso, lokuthi kudala ayekhona amazulu nomhlaba omi uqinile uvele emanzini futhi uphakathi kwamanzi ngezwi likaNkulunkulu; +
6 nokuthi ngawo izwe langaleso sikhathi labhujiswa lapho limbozwa amanzi. +
7 Kodwa ngezwi elifanayo amazulu nomhlaba okukhona manje kubekelwe umlilo futhi kuyagcinwa kuze kube usuku lokwahlulelwa nolokubhujiswa kwabantu abangamhloniphi uNkulunkulu. +
8 Nokho, lokhu makunganiphunyuki, bathandekayo, ukuthi usuku olulodwa kuJehova* lunjengeminyaka eyinkulungwane neminyaka eyinkulungwane injengosuku olulodwa. +
9 UJehova* akephuzi ukugcwalisa isithembiso sakhe, + njengoba abanye abantu becabanga ukuthi uyephuza, kodwa uyanibekezelela ngoba akafisi ukuba kubhubhe ngisho noyedwa, kodwa ufisa ukuba bonke baphenduke. +
10 Kodwa usuku lukaJehova *+ luyofika njengesela, + okuyodlula ngalo amazulu + ngenhlokomo,* kodwa izakhi njengoba ziyobe zishisa kakhulu ziyoncibilika, futhi umhlaba nemisebenzi ekuwo kuyokwambulwa. +
11 Njengoba zonke lezi zinto ziyoncibilika ngale ndlela, cabangani ngohlobo lwabantu okufanele nibe yilo ezenzweni zokuziphatha ezingcwele nasezenzweni zokuzinikela kuNkulunkulu,
12 njengoba nilindele futhi nikukhumbula njalo* ukufika kosuku lukaJehova, *+ okuyothi ngalo amazulu ashiswe ngomlilo aphele + nezinto zawo zincibilike ngenxa yokushisa okukhulu!
13 Kodwa kukhona amazulu amasha nomhlaba omusha esikulindele ngokwesithembiso sakhe, + futhi kukho kuyohlala ukulunga. +
14 Ngakho-ke, bathandekayo, njengoba nilindele lezi zinto, yenzani konke okusemandleni enu ukuba ekugcineni anithole ningenabala, ningenasici futhi ninokuthula. +
15 Ngaphezu kwalokho, bhekani ukubekezela kweNkosi yethu njengensindiso, njengoba nje umfowethu othandekayo uPawulu naye anibhalela ngokuhlakanipha akunikwa, +
16 ekhuluma ngalezi zinto njengoba enza kuzo zonke izincwadi zakhe. Nokho, kukhona izinto ezithile kuzo okunzima ukuziqonda, abangazi lutho* nabangagxilile bayazisonta lezi zinto, njengoba benza nakuyo yonke eminye imiBhalo, okuyobenza babhujiswe.
17 Ngakho-ke, nina bathandekayo, njengoba vele senazi, qaphani ukuze ningadukiswa kanye nabo ngesiphambeko sabantu abangenamthetho futhi niwe ekugxileni* kwenu. +
18 Cha, kodwa qhubekani nikhula emseni omkhulu nasolwazini ngeNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu. Inkazimulo mayibe kuye manje nasosukwini lwangunaphakade. Amen.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “izinto ezabikezelwa.”
^ Bheka iSithasiselo A5.
^ Bheka iSithasiselo A5.
^ Noma, “ngomsindo ohazayo.”
^ Bheka iSithasiselo A5.
^ Noma, “nikulangazelela.” NgesiGreki, “nikusheshisa.”
^ Bheka iSithasiselo A5.
^ Noma, “abangafundisiwe.”
^ Noma, “ekuzinzeni.”