Eyesibili KaSamuweli 3:1-39

  • Indlu kaDavide iba namandla nakakhulu (1)

  • Amadodana kaDavide (2-5)

  • U-Abhineri uhlubukela kuDavide (6-21)

  • UJowabe ubulala u-⁠Abhineri (22-30)

  • UDavide ulilela u-⁠Abhineri (31-39)

3  Impi phakathi kwendlu kaSawule nendlu kaDavide yadonsa isikhathi eside; uDavide wayelokhu eba namandla, + indlu kaSawule yona yayilokhu iba buthaka. +  Phakathi naleso sikhathi, uDavide wazalelwa amadodana eHebroni. + Izibulo lakhe kwakungu-Amnoni + owayezalwa u-Ahinohama + waseJizreyeli.  Indodana yakhe yesibili kwakunguKileyabi owayezalwa u-Abhigayili + waseKarmeli, umfelokazi kaNabali; eyesithathu kwakungu-Absalomu + indodana kaMahakha, indodakazi kaTalimayi + inkosi yaseGeshuri.  Eyesine kwakungu-Adoniya + indodana kaHagiti, eyesihlanu kunguShefathiya indodana ka-Abhithali.  Eyesithupha kwakungu-Itereyamu owayezalwa u-Egila, umkaDavide. Yilawa uDavide azalelwa wona eHebroni.  Njengoba impi yayiqhubeka phakathi kwendlu kaSawule nendlu kaDavide, u-Abhineri + wayelokhu eqinisa isikhundla sakhe endlini kaSawule.  USawule wayenesancinza esigama laso kwakunguRizpa, + indodakazi ka-Aya. Kamuva u-Ishi-bhosheti + wathi ku-Abhineri: “Kungani ulale nesancinza sikababa?” +  U-Abhineri wathukuthela kakhulu ngenxa yamazwi ka-Ishi-bhosheti wathi: “Ingabe ngiyinja yakwaJuda yini? Kuze kube namuhla, bengilokhu ngiyibonisa uthando oluqotho indlu kayihlo uSawule kanye nabafowabo nabangane bakhe, angizange ngikunikele esandleni sikaDavide; nokho wena namuhla ungibeka icala ngendaba yomuntu wesifazane.  Kwangathi uNkulunkulu angamjezisa kanzima u-Abhineri, uma ngingenzi kuDavide njengoba nje uJehova afunga kuye: + 10  ukuba ngidlulise umbuso usuke endlini kaSawule futhi ngimise isihlalo sobukhosi sikaDavide phezu kuka-Israyeli naphezu kukaJuda, kusukela kwaDani kuze kube seBheri-sheba.” + 11  Akabange esakwazi ukusho lutho olunye ku-Abhineri ngoba wayemesaba. + 12  Ngaso leso sikhathi u-Abhineri wathumela izithunywa kuDavide, wathi: “Lingelikabani leli zwe?” Wanezela: “Yenza isivumelwano nami, mina ngizokwenza konke okusemandleni ami* ukuba ngiphendulele wonke u-Israyeli ohlangothini lwakho.” + 13  Yena waphendula wathi: “Kuhle! Ngizosenza isivumelwano nawe. Yinye kuphela into engiyicelayo kuwe, ukuba ungezi ukuzongibona ngaphandle kokuba uqale ulethe uMikhali + indodakazi kaSawule kimi.” 14  UDavide wayesethumela izithunywa ku-Ishi-bhosheti, + indodana kaSawule, wathi: “Nginike umkami uMikhali engamlobola ngamajwabu amaFilisti angu-100.” + 15  Ngakho u-Ishi-bhosheti wathumela izithunywa zayomlanda kumyeni wakhe, uPhalitiyeli + indodana kaLayishi. 16  Kodwa umyeni wakhe wayelokhu ehamba naye, ekhala njengoba emlandela waze wayofika eBhahurimi. + U-Abhineri wayesethi kuPhalitiyeli: “Hamba, buyela emuva!” Ngakho wabuyela emuva. 17  Phakathi naleso sikhathi, u-Abhineri wathumela umyalezo emadodeni amadala akwa-Israyeli, wathi kuwo: “Sekuyisikhathi nifuna ukuba uDavide abe yinkosi phezu kwenu. 18  Manje thathani isinyathelo, ngoba uJehova wathi kuDavide: ‘Ngesandla senceku yami uDavide + ngizosindisa abantu bami u-Israyeli esandleni samaFilisti nasesandleni sazo zonke izitha zabo.’ ” 19  Ngemva kwalokho, u-Abhineri wakhuluma nabantu bakwaBhenjamini. + U-Abhineri wahamba futhi wayokhuluma noDavide ngasese eHebroni ukuze amtshele ngalokho u-Israyeli nayo yonke indlu kaBhenjamini ababevumelane ngakho. 20  Lapho u-Abhineri efika kuDavide eHebroni ekanye namadoda angu-20, uDavide wamenzela idili u-Abhineri namadoda ayekanye naye. 21  U-Abhineri wayesethi kuDavide: “Mangihambe ngiyoqoqela ndawonye wonke u-Israyeli enkosini yami, ukuze enze isivumelwano nawe, bese uba yinkosi phezu kwabo bonke abantu.”* Ngakho uDavide wamdedela u-Abhineri wahamba ngokuthula. 22  Ngemva nje kwalokho, kwafika izinceku zikaDavide zihamba noJowabe zibuya ukuyophanga, ziphethe impango eningi. U-Abhineri wayesesukile kuDavide eHebroni, ngoba wayesemkhululile wahamba ngokuthula. 23  Lapho uJowabe + nalo lonke ibutho elalikanye naye befika, uJowabe wabikelwa, kwathiwa: “U-Abhineri + indodana kaNeri + ubefikile enkosini, yamdedela wahamba ngokuthula.” 24  Ngakho uJowabe wangena enkosini wathi: “Yini le oyenzile? U-Abhineri ufikile kuwe. Kungani umdedelile waphunyuka? 25  Umazi kahle u-Abhineri indodana kaNeri. Ubezele ukuzokukhohlisa nokuba azi konke ngawe nangakho konke okwenzayo.” 26  Ngakho uJowabe wasuka kuDavide, wathumela izithunywa ukuba zilandele u-Abhineri, zamfica emthonjeni waseSira zabuya naye; kodwa uDavide wayengazi lutho ngako. 27  Lapho u-Abhineri ebuyela eHebroni, + uJowabe wamchezukisela eceleni ngaphakathi kwesango ukuze akhulume naye ngasese. Nokho, beselapho wamgwaza esiswini wafa; + lokhu wakwenza ngenxa yokuthi wabulala umfowabo* u-Asaheli. + 28  Lapho kamuva uDavide ezwa ngakho, wathi: “Mina nombuso wami asinacala phambi kukaJehova kuze kube phakade ngegazi + lika-Abhineri indodana kaNeri. 29  Kwangathi lingabuyela phezu kwekhanda likaJowabe + naphezu kwawo wonke umndeni kayise. Kwangathi endlini kaJowabe kungahlale kunomuntu ophuma ukungcola esithweni sangasese + noma onochoko + noma osebenza ngenduku yokuphotha* noma obulawa ngenkemba noma oswele ukudla!” + 30  Ngakho uJowabe nomfowabo u-Abhishayi + babulala u-Abhineri, + ngenxa yokuthi wayebulale u-Asaheli umfowabo empini + eGibheyoni. 31  Ngemva kwalokho uDavide wathi kuJowabe nakubo bonke abantu ababenaye: “Klebhulani izingubo zenu nibhince indwangu yesaka nililele u-Abhineri.” INkosi uDavide nayo yayihamba ngemva kohlaka olwaluthwele isidumbu. 32  U-Abhineri wangcwatshwa eHebroni; inkosi yakhala kakhulu ethuneni lika-Abhineri, nabo bonke abantu bakhala. 33  Inkosi yahaya ingoma yokulilela u-Abhineri yathi: “Kungani u-Abhineri efe ngendlela ehlazisa kangaka? 34  Izandla zakho bezingaboshiwe,Nezinyawo zakho bezingaboshiwe.* Ufe njengomuntu obulawe yizigebengu.” *+ Ngemva kwalokho bonke abantu baphinda bamkhalela. 35  Kamuva bonke abantu beza kuDavide ukuzomnika isinkwa sokumduduza* kusesemini, kodwa uDavide wafunga wathi: “Kwangathi uNkulunkulu angangijezisa kanzima uma ngingadla isinkwa nanoma yini enye ngaphambi kokushona kwelanga!” + 36  Bonke abantu bakubona okwakwenzeka, futhi kwabajabulisa. Njengazo zonke ezinye izinto ezazenziwa yinkosi, nalokhu kwabajabulisa bonke abantu. 37  Ngakho bonke abantu no-Israyeli wonke bazi ngalolo suku ukuthi kwakungeyona inkosi eyayiyale ukuba kubulawe u-Abhineri indodana kaNeri. + 38  Inkosi yathi ezincekwini zayo: “Anazi yini ukuthi kufe isikhulu nomuntu omkhulu namuhla kwa-Israyeli? + 39  Namuhla ngibuthakathaka nakuba ngigcotshwe njengenkosi, + futhi la madoda, amadodana kaZeruya, + anonya kakhulu. + Kwangathi uJehova angabuyisela umenzi wobubi ngobubi bakhe.” +

Imibhalo yaphansi

NgesiHebheru, “bheka! isandla sami sinawe.”
Noma, “phezu kwakho konke umphefumulo wakho okufisayo.”
NgesiHebheru, “ngenxa yegazi lomfowabo.”
Mhlawumbe ubhekisela endodeni ekhubazekile okudingeka yenze umsebenzi wabantu besifazane.
NgesiHebheru, “bezingafakiwe ithusi.”
NgesiHebheru, “amadodana okungalungi.”
Noma, “isinkwa sokulila.”