Eyesibili KaSamuweli 6:1-23

  • UMphongolo ulethwa eJerusalema (1-23)

    • U-Uza ubamba uMphongolo, uyabulawa (6-8)

    • UMikhali udelela uDavide (16, 20-23)

6  UDavide waphinde waqoqa wonke amasosha angcono kunawo wonke kwa-Israyeli, amadoda angu-30 000.  Ngemva kwalokho uDavide nawo wonke amadoda ayekanye naye basuka baya eBhahale-juda beyolanda uMphongolo kaNkulunkulu weqiniso, + lowo abantu ababiza phambi kwawo igama likaJehova wamabutho, + ohlezi esihlalweni sobukhosi ngaphezu* kwamakherubi. +  Nokho, uMphongolo kaNkulunkulu weqiniso bawulayisha enqoleni entsha, + ukuze bawuthuthe bewususa emzini ka-Abhinadaba + owawusegqumeni; u-Uza no-Ahiyo, amadodana ka-Abhinadaba, babehola le nqola entsha.  Ngakho bawuthutha uMphongolo kaNkulunkulu weqiniso besuka nawo emzini ka-Abhinadaba owawusegqumeni, u-Ahiyo wayehamba phambi koMphongolo.  UDavide nayo yonke indlu ka-Israyeli babegiya phambi kukaJehova besebenzisa zonke izinhlobo zezinto zomculo zokhuni lomjunipha, amahabhu, ezinye izinsimbi zomculo ezinezintambo, + amathamborini, + izinsimbi zomculo ezikhencezayo namasimbali. +  Kodwa lapho befika esibuyeni sikaNakoni, u-Uza welula isandla sakhe wabamba uMphongolo kaNkulunkulu weqiniso, + ngoba izinkomo zacishe zawuwisa.  Ngenxa yalokho uJehova wamthukuthelela kakhulu u-Uza, uNkulunkulu weqiniso wambulala + khona lapho ngenxa yesenzo sakhe sokungabi nanhlonipho, + wafela khona lapho eceleni koMphongolo kaNkulunkulu weqiniso.  Kodwa uDavide wathukuthela* ngenxa yokuthi uJehova wayethukuthelele u-Uza; leyo ndawo yabizwa ngokuthi iPherezi-uza* kuze kube namuhla.  Ngakho uDavide wamesaba uJehova + ngalolo suku, wathi: “UMphongolo kaJehova ungeza kanjani nje kimi?” + 10  UDavide wayengasazimisele ukuletha uMphongolo kaJehova eDolobheni LikaDavide + lapho ayehlala khona. Kunalokho, uDavide wayala ukuba uthathwe uyiswe emzini ka-Obede-edomi + umGiti. 11  UMphongolo kaJehova wahlala endlini ka-Obede-edomi umGiti izinyanga ezintathu, uJehova wayelokhu embusisa u-Obede-edomi nayo yonke indlu yakhe. + 12  INkosi uDavide yabikelwa, kwathiwa: “UJehova uyibusisile indlu ka-Obede-edomi nakho konke okungokwakhe ngenxa yoMphongolo kaNkulunkulu weqiniso.” Ngakho uDavide wahamba wayowulanda uMphongolo kaNkulunkulu weqiniso endlini ka-Obede-edomi wenyukela nawo eDolobheni LikaDavide ngenjabulo. + 13  Lapho ababethwele + uMphongolo kaJehova sebehambe amagxathu ayisithupha, uDavide wahlaba inkunzi nethole elikhuluphele wenza umhlatshelo. 14  UDavide wayedansa phambi kukaJehova ngawo wonke amandla akhe; sonke leso sikhathi uDavide wayegqoke* i-efodi lelineni. + 15  UDavide nayo yonke indlu ka-Israyeli babekhuphula uMphongolo + kaJehova bememeza ngenjabulo, + beshaya nophondo. + 16  Kodwa kwathi lapho uMphongolo kaJehova ufika eDolobheni LikaDavide, uMikhali indodakazi kaSawule, + walunguza ngefasitela wabheka phansi wabona iNkosi uDavide igxumagxuma idansa phambi kukaJehova; wayeseyidelela enhliziyweni yakhe. + 17  Bawungenisa uMphongolo kaJehova bawubeka endaweni yawo ngaphakathi etendeni uDavide ayeligxumekele wona. + Ngemva kwalokho uDavide wanikela iminikelo eshiswayo + nemihlatshelo ehlanganyelwayo + phambi kukaJehova. + 18  Lapho uDavide eseqedile ukunikela iminikelo eshiswayo nemihlatshelo ehlanganyelwayo, wabusisa abantu egameni likaJehova wamabutho. 19  Ngaphezu kwalokho, wabela bonke abantu, sonke isixuku sakwa-Israyeli, wonke amadoda nabesifazane, isinkwa esiyindilinga, ikhekhe lamasundu nekhekhe lamagilebhisi omisiwe, ngemva kwalokho bonke abantu bahamba, yilowo nalowo waya emzini wakhe. 20  Lapho uDavide ebuya ukuze abusise indlu yakhe, uMikhali indodakazi kaSawule, + waphuma wayomhlangabeza. Wathi: “Yeka ukuthi inkosi yakwa-Israyeli izehlise isithunzi kanjani namuhla lapho izihlazisa phambi kwamehlo ezincekukazi zezikhulu zayo, njengalapho umuntu ongenangqondo ezihlazisa obala!” + 21  UDavide wamphendula uMikhali wathi: “Bengigiya phambi kukaJehova, owakhetha mina esikhundleni sikayihlo nayo yonke indlu yakhe, nowamisa mina njengomholi phezu kwabantu bakaJehova, u-Israyeli. + Ngakho ngizogiya phambi kukaJehova. 22  Ngizozehlisa ngisho nangaphezu kwalokhu, futhi ngizozibheka njengomuntukazana. Kodwa lezi zincekukazi okhuluma ngazo zizongidumisa.” 23  Ngakho, uMikhali indodakazi kaSawule, + akabanga nabantwana kwaze kwaba usuku lokufa kwakhe.

Imibhalo yaphansi

Noma kungaba, “phakathi.”
Noma, “wadabuka.”
Incazelo: “Ukufohla Uhlasele U-Uza.”
NgesiHebheru, “wayebhince.”