Eyesibili KuThimothewu 3:1-17
3 Kodwa yazi lokhu, ukuthi ezinsukwini zokugcina + kuyofika izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.
2 Ngoba abantu bayokuba abazithandayo, abathanda imali, abaqhoshayo, abazazisayo, abahlambalazi, abangalaleli abazali, abangabongi, abangathembekile,
3 abangenalo uthando, abangafuni sivumelwano, abanyundeli, abangakwazi ukuzithiba, abanolaka, abangenalo uthando lokuhle,
4 abakhapheli, abanenkani, abakhukhumele, abathanda injabulo kunokuba bathande uNkulunkulu,
5 ababonakala bezinikele kuNkulunkulu kodwa bewaphika amandla alokho* kuzinikela; + zihlukanise nabantu abanjalo.
6 Kulaba kuvela abantu abangena ngesinyelela emakhaya futhi bathumbe abesifazane ababuthakathaka abasindwa yizono, abaholwa yizifiso ezihlukahlukene,
7 bafunda njalo kodwa akwenzeki balazi ngokunembile iqiniso.
8 Ngendlela uJane noJambre abaphikisa ngayo uMose, nalaba bayaqhubeka bephikisa iqiniso. Abantu abanjalo bonakele ngokuphelele engqondweni, abamukeleki okholweni.
9 Noma kunjalo, ngeke benze ntuthuko ngoba ubuwula* babo buyoba sobala kubo bonke, njengoba nje kwaba njalo ngalawo madoda amabili. +
10 Kodwa wena uye wayilandela eduze imfundiso yami, indlela yami yokuphila, + injongo yami, ukholo lwami, ukubekezela kwami, uthando lwami, ukukhuthazela kwami,
11 ukushushiswa nezinhlupheko, okunjengalokho engabhekana nakho e-Antiyokiya, + e-Ikoniyu, + eListra. + Ngakubekezelela lokhu kushushiswa futhi iNkosi yangikhulula kukho konke. +
12 Eqinisweni, bonke labo abafisa ukuphila ngokuzinikela kuNkulunkulu kanye noKristu Jesu nabo bayoshushiswa. +
13 Kodwa abantu ababi nabakhohlisi bayoqhubeka besuka kokubi baye kokubi kakhulu, bedukisa futhi bedukiswa. +
14 Nokho, wena qhubeka ezintweni owazifunda futhi wathonyelwa ukuba uzikholelwe, + wazi ukuthi wazifunda kobani
15 nokuthi kusukela usewusana + uye wazi imibhalo engcwele, + ekwazi ukukuhlakaniphisela insindiso ngokholo kuKristu Jesu. +
16 Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu + futhi iyasiza ekufundiseni, + ekusoleni, ekuqondiseni* izinto, ekusiyaleni ukuba senze okulungile, +
17 ukuze umuntu kaNkulunkulu afaneleke ngokugcwele, ayihlomele ngokuphelele yonke imisebenzi emihle.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “bengenzi ngokuvumelana nalokho.”
^ Noma, “ubulima.”
^ Noma, “ekulungiseni.”