AmaHubo 1:1-6
1 Uyajabula umuntu ongahambi ngeseluleko sababi,Ongami endleleni yezoni, +Ongahlali endaweni yabahleka usulu. +
2 Kodwa ojabula ngomthetho kaJehova, +Ufunda umthetho waKhe ngezwi eliphansi* imini nobusuku. +
3 Uyoba njengesihlahla esitshalwe ngasemifudlaneni yamanzi,Esithela isithelo saso ngenkathi yaso,Amaqabunga aso awabuni.
Konke akwenzayo kuyophumelela. +
4 Ababi abanjalo;Banjengamakhoba apheshulwa umoya.
5 Yingakho ababi bengeke baphunyuke esijezisweni; +Nezoni ngeke zime lapho kuhlangene khona abalungile. +
6 Ngoba uJehova uyayazi indlela yabalungile, +Kodwa indlela yababi iyoshabalala. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “Uzindla ngomthetho waKhe.”