AmaHubo 103:1-22
ElikaDavide.
103 Ngizomdumisa* uJehova;Konke okungaphakathi kimi makudumise igama lakhe elingcwele.
2 Ngizomdumisa* uJehova;Kwangathi ngingeze ngakukhohlwa konke akwenzile. +
3 Uthethelela zonke iziphambeko zakho, +Elaphe zonke izifo zakho; +
4 Usindisa ukuphila kwakho egodini *+Akuthwese umqhele wothando lwakhe oluqotho nesihe. +
5 Ukwanelisa ngezinto ezinhle + ukuphila kwakho konke,Ukuze ubusha bakho buvuselelwe njengobokhozi. +
6 UJehova ubabonisa ukulunga + nobulungisaBonke abacindezelekile. +
7 Wamazisa uMose izindlela zakhe, +Wazisa ngisho namadodana ka-Israyeli izenzo zakhe. +
8 UJehova unesihe nozwela, *+Uyephuza ukuthukuthela futhi uchichima uthando oluqotho. *+
9 Ngeke ahlale ebheka amaphutha, +Noma ahlale ecasukile kuze kube phakade. +
10 Akenzanga kithi ngokwezono zethu, +Akasilethelanga lokho okusifanele ngokweziphambeko zethu. +
11 Ngoba njengoba amazulu ephakeme kunomhlaba,Kanjalo uthando lwakhe oluqotho lukhulu kulabo abamesabayo. +
12 Njengokuqhelelana kwempumalanga nentshonalanga,Uzibeke kude kangako izono zethu. +
13 Njengoba ubaba ebonisa umusa emadodaneni akhe,NoJehova ubabonise umusa labo abamesabayo. +
14 Ngoba yena uyakwazi ukwakheka kwethu, +Ekhumbula ukuthi siluthuli. +
15 Izinsuku zomuntu ofayo zinjengezotshani; +Uqhakaza njengembali yasendle. +
16 Kodwa lapho kuvunguza umoya, ayibe isaba khona,Njengokungathi ayikaze ibe khona.*
17 Kodwa uthando lukaJehova oluqotho kulabo abamesabayo +Luhlala kuze kube phakade,*Nokulunga kwakhe esizukulwaneni sabo, +
18 Kulabo abagcina isivumelwano sakhe +Nakulabo abayigcina ngokucophelela imiyalo yakhe.
19 UJehova usimise saqina isihlalo sakhe sobukhosi emazulwini; +Nobukhosi bakhe bubusa yonke into. +
20 Dumisani uJehova, nonke nina zingelosi zakhe + ezinamandla amakhulu,Enifeza izwi lakhe, + enilalela izwi lakhe.*
21 Dumisani uJehova, nonke mabutho akhe, +Nina zikhonzi zakhe ezenza intando yakhe. +
22 Dumisani uJehova, nonke nina ndalo yakhe,Ezindaweni zonke zombuso wakhe.*
Umphefumulo wami mawudumise* uJehova.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “Mphefumulo wami mdumise.”
^ Noma, “Mphefumulo wami mdumise.”
^ Noma, “ethuneni.”
^ Noma, “nomusa.”
^ Noma, “umusa wothando.”
^ NgesiHebheru, “Nendawo yayo ayisayazi.”
^ Noma, “kusukela phakade kuze kube phakade.”
^ NgesiHebheru, “enizwa iphimbo (umsindo) lakhe.”
^ Noma, “Ezindaweni abusa kuzo.”
^ Noma, “Mangimdumise ngenhliziyo yonke.”