AmaHubo 104:1-35
104 Ngizomdumisa uJehova. +
O Jehova Nkulunkulu wami, umkhulu kakhulu. +
Wembethe isithunzi* nobukhazikhazi. +
2 Usongwe ukukhanya + njengokungathi ngengubo;Welula amazulu njengetende. +
3 Yena ugxumeka izinsika zamagumbi akhe aphezulu emanzini asesibhakabhakeni, *+Wenza amafu abe yinqola yakhe, +Uhamba ngamaphiko omoya. +
4 Wenza izingelosi zakhe zibe yimimoya,Izikhonzi zakhe zibe umlilo oshwabadelayo. +
5 Ubeke umhlaba phezu kwezisekelo zawo; +Ngeke ususwe endaweni yawo* kuze kube phakade naphakade. +
6 Wawumboza ngamanzi ajulile njengokungathi ngengubo. +
Amanzi amboza izintaba.
7 Ahlehla lapho uwakhuza; +Ngomsindo wokuduma kwakho abaleka enovalo
8 —Izintaba zenyuka + nezigodi zehla—Aya endaweni owawamisela yona.
9 Wamisa umngcele okungafanele ukuba aweqe, +Ukuze angaphinde amboze umhlaba.
10 Uthumela iziphethu ezigodini;*Zigeleza phakathi kwezintaba.
11 Ziphuzisa zonke izilwane zasendle;Izimbongolo zasendle zicima ukoma kwazo.
12 Ngaphezu kwazo izinyoni zamazulu zakhele izidleke;Ziyacula phakathi kwamahlamvu aminyene.
13 Unisela izintaba esemagumbini akhe aphezulu. +
Umhlaba uyaneliswa ngezithelo zemisebenzi yakho. +
14 Wenza ukuba kuhlume utshani obuzodliwa yizinkomoNezitshalo ezizodingwa abantu, +Ukuze ukudla kuhlume emhlabeni
15 Newayini elijabulisa inhliziyo yomuntu, +Namafutha acwebezelisa ubuso,Nesinkwa esisekela inhliziyo yomuntu ofayo. +
16 Izihlahla zikaJehova zanelisekile,Imisedari yaseLebhanoni ayitshalile,
17 Lapho izinyoni zakha khona izidleke.
Ikhaya likanogolantethe + lisezihlahleni zomjunipha.
18 Izintaba eziphakeme zingezezimbuzi zezintaba; +Amawa ayisiphephelo sezimbila. +
19 Wenze inyanga ukuze ihlukanise izinkathi zonyaka;Ilanga lazi kahle ukuthi kufanele lishone nini. +
20 Uletha ubumnyama bese kuyahlwa, +Zonke izilwane zasendle ziyaphuma zizulazule.
21 Amabhubesi* abhongela inyamazane +Afuna ukudla kwawo kuNkulunkulu. +
22 Lapho ilanga liphuma,Ayahoxa ayolala ezindaweni zawo zokucasha.
23 Umuntu uyaphuma aye emsebenzini,Asebenze kuze kuhlwe.
24 O Jehova, yeka ukuthi miningi kangakanani imisebenzi yakho! +
Yonke uyenze ngokuhlakanipha. +
Umhlaba ugcwele izinto ozidalile.
25 Nalu ulwandle, lukhulu futhi lubanzi,Kulo kukhona izinto eziphilayo ezingenakubalwa, ezincane nezinkulu. +
26 Imikhumbi ihamba khona,NoLeviyathani *+ umdalele ukuba adlale kulo.
27 Zonke zilinda wenaUkuba uzinike ukudla kwazo ngesikhathi esifanele. +
28 Ozinika kona ziyakuthatha. +
Lapho uvula isandla sakho, ziyaneliswa ngezinto ezinhle. +
29 Uma ufihla ubuso bakho, ziyaphazamiseka.
Uma ususa umoya wazo, ziyafa zibuyele othulini. +
30 Uma uthumela umoya wakho, ziyadalwa, +Uvuselela ubuso bomhlaba.
31 Inkazimulo kaJehova iyohlala kuze kube phakade.
UJehova uyojabula ngemisebenzi yakhe. +
32 Ubheka umhlaba, wona uthuthumele;Uthinta izintaba, zishunqe intuthu. +
33 Ngizomhlabelelela uJehova + konke ukuphila kwami;Ngizomdumisa* uNkulunkulu wami uma nje ngisaphila. +
34 Imicabango yami mayimjabulise.*
Ngizojabula ngoJehova.
35 Izoni ziyoshabalala emhlabeni,Ababi ngeke besaba khona. +
Ngizomdumisa uJehova. Dumisani uJah!*
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “ubukhulu.”
^ NgesiHebheru, “emanzini.”
^ Noma, “Ngeke untengantengiswe.”
^ Noma, “emihosheni.”
^ Noma, “Amabhubesi asemancane anomhlwenga.”
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “Ngizomculela.”
^ Noma kungaba, “Ukuzindla kwami ngaye makujabulise.”
^ Noma, “Haleluya!” Elithi “Jah” liyisifushaniso segama elithi Jehova.