AmaHubo 107:1-43
(AmaHubo 107–150)
107 Bongani uJehova, ngoba muhle; +Uthando lwakhe oluqotho luhlala kuze kube phakade. +
2 Abakhululwe* nguJehova mabasho kanjalo,Labo abakhulule esandleni* sesitha, +
3 Labo ababuthele ndawonye bevela emazweni, +Empumalanga nasentshonalanga,Enyakatho naseningizimu. +
4 Bazulazula ehlane, ogwadule;Abayitholanga indlela yokuya edolobheni ababengahlala kulo.
5 Babelambile futhi bomile;Bephelelwe amandla ngenxa yokukhathala.
6 Babelokhu bekhala kuJehova ekucindezelekeni kwabo; +Wabakhulula osizini lwabo. +
7 Wenza ukuba bahambe endleleni efanele +Ukuze bafike edolobheni ababengahlala kulo. +
8 Abantu mabambonge uJehova + ngenxa yothando lwakhe oluqothoNangenxa yemisebenzi yakhe emangalisayo ayenzele abantwana babantu. +
9 Ngoba umanelisile owomileWasuthisa olambile ngezinto ezinhle. +
10 Abanye babehlala ebumnyameni,Iziboshwa zihlupheka, ziboshwe ngezinsimbi.
11 Ngoba babedlubulundile ezwini likaNkulunkulu;Iseluleko soPhezukonke babesidelelile. +
12 Ngakho wathobisa izinhliziyo zabo ngobunzima; +Bakhubeka, kungekho noyedwa ozobasiza.
13 Bacela usizo kuJehova ekucindezelekeni kwabo;Wabasindisa osizini lwabo.
14 Wabakhipha ebumnyameni,Wagqashula ngisho namaketanga abo. +
15 Abantu mabambonge uJehova ngenxa yothando lwakhe oluqotho +Nangenxa yemisebenzi yakhe emangalisayo ayenzele abantwana babantu.
16 Ngoba uyiphulile iminyango yethusiWasika nemigoqo yensimbi. +
17 Babeyiziwula behlupheka +Ngenxa yeziphambeko zabo nezono zabo. +
18 Izinhliziyo zabo zazimnyama bengakufuni ukudla;Basondela emasangweni okufa.
19 Babecela usizo kuJehova ekucindezelekeni kwabo;Wayebasindisa osizini lwabo.
20 Wayethumela izwi lakhe abaphulukise +Wayebakhulula emigodini ababevaleleke kuyo.
21 Abantu mabambonge uJehova ngenxa yothando lwakhe oluqothoNangenxa yemisebenzi yakhe emangalisayo ayenzele abantwana babantu.
22 Mabanikele imihlatshelo yokubonga +Bamemezele imisebenzi yakhe ngokumemeza kwenjabulo.
23 Labo abahamba olwandle ngemikhumbi,Abahwebelana emanzini amaningi, +
24 Bayibonile imisebenzi kaJehovaNemisebenzi yakhe emangalisayo ekujuleni kolwandle; +
25 Indlela akhipha ngayo izwi abangele ukuba kube nesiphepho, +Aphakamise amagagasi olwandle.
26 Bakhuphukela esibhakabhakeni;Behlele phansi ekujuleni kolwandle.
Bayesaba ngenxa yenhlekelele ezayo.
27 Bayadiyazela bakhubeke njengomuntu odakiwe,Wonke amakhono abo awasizi ngalutho. +
28 Khona-ke bakhala kuJehova ekucindezelekeni kwabo, +Abakhulule osizini lwabo.
29 Uthulisa isivunguvungu;Amagagasi olwandle ayathula. +
30 Bayajabula lapho ethula,Uyabahola abayise ethekwini* abalithandayo.
31 Abantu mabambonge uJehova ngenxa yothando lwakhe oluqothoNangenxa yemisebenzi yakhe emangalisayo ayenzele abantwana babantu. +
32 Mabamdumise ezixukwini ezibuthene, +Mabamdumise lapho kuhlangene* khona amadoda amadala.
33 Uphendula imifula ibe ugwaduleNeziphethu zamanzi zibe umhlabathi owomile, +
34 Izwe elivundile libe yizwe elinosawoti elingatheli, +Ngenxa yobubi balabo abahlala kulo.
35 Uphendula ugwadule lube amachibi amanzi anomhlanga,Nezwe elomile libe yiziphethu zamanzi. +
36 Ubangela abalambile ukuba bahlale kulo, +Ukuze bakhe idolobha abazohlala kulo. +
37 Balima amasimu batshale nezihlahla zamagilebhisi +Ezithela inala yezithelo. +
38 Uyababusisa bande kakhulu;Akavumi ukuba izinkomo zabo zinciphe. +
39 Kodwa bayaphinda babe mbalwa bahlazekeNgenxa yokucindezelwa, inhlekelele nosizi.
40 Uthobisa izicukuthwaneAzenze zizulazule ehlane elingenazindlela. +
41 Kodwa uyabavikela* abampofu ekucindezelweni +Andise imindeni yabo ibe mningi njengomhlambi.
42 Abaqotho bayakubona lokhu bajabule; +Kodwa bonke abangalungile bavala imilomo yabo. +
43 Noma ubani ohlakaniphile uyozibona lezi zinto +Uyocabangisisa ngezenzo zikaJehova zothando oluqotho. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “Abahlengwe.”
^ Noma, “emandleni.”
^ Noma, “esikhumulweni semikhumbi.”
^ NgesiHebheru, “kuhlala.”
^ Noma, “uyabaphakamisa,” okuwukuthi, bangafinyeleleki.