AmaHubo 109:1-31
Kumqondisi. Ihubo likaDavide.
109 O Nkulunkulu engimkhonzayo, + ungathuli.
2 Ngoba ababi nabakhohlisayo bavula imilomo yabo ukuze bamelane nami.
Bakhuluma ngami ngolimi olunamanga; +
3 Bangihaqa ngamazwi anenzondo,Bangihlasela ngaphandle kwesizathu. +
4 Bamelana nami lapho ngibabonisa uthando; +Kodwa ngiyaqhubeka ngithandaza.
5 Bangibuyisela okubi ngokuhle engikwenzile +Nenzondo ngothando lwami. +
6 Beka umuntu omubi phezu kwesitha sami;Kwangathi omelene naso* angama ngasesandleni saso sokudla.
7 Lapho sahlulelwa, masitholakale sinecala;*Kwangathi ngisho nomthandazo waso ungabhekwa njengesono. +
8 Izinsuku zaso mazibe mbalwa; +Isikhundla saso sokuba umbonisi masithathwe omunye. +
9 Izingane* zaso mazibe yizintandane,Nomkaso abe ngumfelokazi.
10 Kwangathi izingane* zaso zingaphila ngokucela,Zifune ukudla emakhaya azo acekeleke phansi.
11 Kwangathi lowo esimkweletayo angathatha zonke izinto zaso,*Izihambi maziphange impahla yaso.
12 Makungabi namuntu osibonisa umusa,*Makungabi namuntu obonisa izintandane zaso umusa.
13 Inzalo* yaso mayiqothulwe; +Igama layo malisulwe esizukulwaneni sayo.
14 Isiphambeko sokhokho baso masikhunjulwe nguJehova, +Nesono sikanina kwangathi singesulwe.
15 Kwangathi uJehova angahlale ekukhumbula abakwenzile;Kwangathi angakuqeda ukukhunjulwa kwabo emhlabeni. +
16 Ngoba lo muntu akazange akhumbule ukubonisa umusa, *+Kodwa wayelokhu ejaha umuntu ocindezelekile, + ompofu nodangeleUkuze ambulale. +
17 Wayethanda ukuqalekisa, ngakho yilokho okwamehlela;Wayengathandi ukubusisa, ngakho akatholanga sibusiso.
18 Wayembethe iziqalekiso njengengubo yakhe.
Zathululelwa emzimbeni wakhe njengamanzi,Nasemathanjeni akhe njengamafutha.
19 Kwangathi iziqalekiso zakhe zingaba njengengubo azisonga ngayo +Nanjengebhande ahlala ezibophe ngalo.
20 Lena yinkokhelo evela kuJehova yalowo omelana nami +Neyalabo abakhuluma okubi ngami.
21 Kodwa wena Jehova Nkosi EnguMbusi,Ngisize ngenxa yegama lakho. +
Ngikhulule, ngoba uthando lwakho oluqotho luhle. +
22 Ngoba ngihluphekile futhi ngimpofu, +Nenhliziyo yami ihlatshiwe ngaphakathi kimi. +
23 Ngidlula njengethunzi elishabalalayo;Ngithuntuthwe njengentethe.
24 Amadolo ami ayaxega ngenxa yokuzila ukudla;Ngizace ngiphelile.*
25 Ngibe yinto yokuklolodelwa. +
Uma bengibona, banikina amakhanda. +
26 O Jehova Nkulunkulu wami, ngisize;Ngisindise ngothando lwakho oluqotho.
27 Kwangathi bangazi ukuthi lokhu kungenxa yesandla sakho;Ukuthi wena Jehova, ukwenzile.
28 Bona mabaqalekise, kodwa kwangathi wena ungabusisa.
Lapho besukuma ukuze bamelane nami, kwangathi bangahlazeka,Kodwa inceku yakho mayijabule.
29 Labo abamelana nami mabembathe ukululazeka;Mabasongwe ngamahloni njengokungathi ngejazi. *+
30 Ngizomdumisa kakhulu uJehova ngomlomo wami;Ngizomdumisa phambi kwabantu abaningi. +
31 Ngoba uyokuma ngasesandleni sokudla sompofu,Ukuze amsindise kulabo abamlahla ngecala.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “osisolayo.”
^ Noma, “makuthiwe sibi.”
^ NgesiHebheru, “Amadodana.”
^ NgesiHebheru, “amadodana.”
^ Noma, “Otshelekisa ngenzalo eyeqile makabekele konke esinako izicupho.”
^ Noma, “uthando oluqotho.”
^ Noma, “Isizukulwane.”
^ Noma, “uthando oluqotho.”
^ NgesiHebheru, “Nenyama yami yondile, ayinawo amafutha.”
^ Noma, “ngejazi elingenamikhono.”