AmaHubo 11:1-7
Kumqondisi. ElikaDavide.
11 Ngiphephele kuJehova. +
Ningasho kanjani ukuthi kimi:
“Balekela entabeni njengenyoni!
2 Bheka indlela ababi abagobisa ngayo umnsalo;Bafaka umcibisholo entanjeni yomnsalo,Ukuze bacibishele labo abaqotho enhliziyweni besebumnyameni.
3 Lapho izisekelo* zibhidliziwe,Yini umuntu olungile angayenza?”
4 UJehova usethempelini lakhe elingcwele. +
Isihlalo sikaJehova sobukhosi sisemazulwini. +
Amehlo akhe ayabona, amehlo akhe aqaphelayo* ahlola abantwana babantu. +
5 UJehova uhlola olungile kanye nomubi; +Uyamzonda umuntu othanda ubudlova. +
6 Uyobekela ababi izicupho;*Uyobajezisa ngomlilo nesibabule + nangomoya oshisayo.
7 Ngoba uJehova ulungile; + uyazithanda izenzo zokulunga. +
Abaqotho uyobabonisa umusa. *+
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “izisekelo zobulungisa.”
^ Noma, “akhanyayo.”
^ Noma kungaba, “amalahle avuthayo.”
^ Noma, “bayobona ubuso bakhe.”