AmaHubo 113:1-9
113 Dumisani uJah!*
Mdumiseni nina zinceku zikaJehova,Dumisani igama likaJehova.
2 Kwangathi igama likaJehova lingadunyiswaKusukela manje kuze kube phakade. +
3 Kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekushoneni kwalo,Igama likaJehova malidunyiswe. +
4 UJehova uphakeme ngaphezu kwazo zonke izizwe; +Ukhazimula kakhulu kunamazulu. +
5 Ubani onjengoJehova uNkulunkulu wethu, +Lowo ohlala* endaweni ephakeme?
6 Uyagoba ukuze abuke ezulwini nasemhlabeni, +
7 Aphakamise ophansi othulini.
Uphakamisa ompofu endundumeni yomlotha *+
8 Ukuze amenze ahlale kanye nezicukuthwane,Nezicukuthwane zabantu bakhe.
9 Unika owesifazane oyinyumba ikhayaAbe ngumama wezingane* ojabulayo. +
Dumisani uJah!*
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “Haleluya!” Elithi “Jah” liyisifushaniso segama elithi Jehova.
^ Noma, “ohlezi esihlalweni sobukhosi.”
^ Noma kungaba, “endaweni okuchithwa kuyo udoti.”
^ NgesiHebheru, “wamadodana.”
^ Noma, “Haleluya!” Elithi “Jah” liyisifushaniso segama elithi Jehova.