AmaHubo 130:1-8
INgoma Yokwenyuka.
130 O Jehova, ngiyakubiza lapho ngiphelelwe yithemba. +
2 O Jehova, yizwa izwi lami.
Kwangathi izindlebe zakho zingangizwa lapho ngicela usizo.
3 O Jah,* ukube ububheka* amaphutha,Jehova ubani obengama? +
4 Ngoba uthethelela ngeqiniso, +Ukuze uhlonishwe. *+
5 Ngithembele kuJehova, umphefumulo wami uthembele kuye;Ngilindele ukugcwaliseka kwesithembiso sakhe.
6 Ngimlinde ngokulangazela uJehova, +Ukwedlula abalindi abalinde ukusa, +
Impela, ukwedlula abalindi abalinde ukusa.
7 U-Israyeli makaqhubeke elinde uJehova,Ngoba uJehova uqotho othandweni lwakhe, +Unamandla amakhulu okukhulula.
8 Uyomthethelela u-Israyeli zonke iziphambeko zakhe.
Imibhalo yaphansi
^ Elithi “Jah” liyisifushaniso segama elithi Jehova.
^ Noma, “ububala.”
^ Noma, “wesatshwe.”