AmaHubo 139:1-24
Kumqondisi. Ihubo likaDavide.
139 O Jehova, ungihlolile futhi uyangazi. +
2 Uyazi lapho ngihlala nalapho ngisukuma. +
Ubona imicabango yami ukude. +
3 Uyangibona* lapho ngihamba nalapho ngilala;Uyazazi zonke izindlela zami. +
4 Akukho zwi olimini lwami,Kodwa bheka! Jehova, wena usulazi kahle. +
5 Ngemuva nangaphambi kwami, ungizungezile;Ubeka isandla sakho phezu kwami.
6 Ulwazi olunjalo angikwazi ukuluqonda.*
Luphakeme kakhulu, angikwazi ukulufinyelela. *+
7 Ngingawubalekela kanjani umoya wakho,Ngingacasha kuphi lapho ungeke ungibone khona? +
8 Ukube bengingakhuphukela ezulwini, ubuyobe ulapho,Ukube bengingalala eThuneni,* bheka! ubuyobe ulapho. +
9 Ukube bengingandiza ngamaphiko okuntwela kokusaUkuze ngiyohlala ngasolwandle olukude kakhulu,
10 Ngisho nalapho isandla sakho besiyongiholaNesandla sakho sokudla besiyongibamba. +
11 Uma ngithi: “Ngokuqinisekile ubumnyama buzongimboza!”
Khona-ke ubusuku obungizungezile bebuyoba ukukhanya.
12 Ngisho nobumnyama bebungeke bube mnyama kakhulu kuwe,Kodwa ubusuku bebuyokhanya njengemini; +Ubumnyama buyafana nokukhanya kuwe. +
13 Ngoba wena wenza izinso zami;Wangigcina ngisithekile* esibelethweni sikamama. +
14 Ngiyakudumisa ngenxa yokuthi ngenziwe ngendlela emangalisayo. +
Imisebenzi yakho iyamangalisa, +Ngikwazi kahle lokhu.
15 Amathambo ami ayengafihlekile kuweLapho ngenziwa ekusithekeni,Lapho ngelukwa ekujuleni komhlaba. +
16 Amehlo akho angibona ngisho ngisewumbungu;Zonke izitho zawo zazilotshiwe encwadini yakhoNgokuqondene nezinsuku ezabunjwa ngazo,Kungakabi bikho nesisodwa sazo.
17 Ave iyigugu imicabango yakho kimi! +
O Nkulunkulu, yeka indlela eminingi ngayo! +
18 Uma ngizama ukuyibala, miningi kunezinhlayiya zesihlabathi. +
Lapho ngiphaphama, ngisenawe. *+
19 O Nkulunkulu, ukube nje ubungambulala omubi! +
Khona-ke abantu abanodlame* bebeyosuka kimi,
20 Labo abakhuluma izinto ngawe ngezinhloso ezimbi;*Bayizitha zakho ezidelela igama lakho. +
21 Angibazondi yini labo abakuzondayo, Jehova, +Angibenyanyi yini abakuvukelayo? +
22 Ngibazonda ngokuphelele; +Sebeyizitha zami zangempela.
23 O Nkulunkulu ngihlole, wazi inhliziyo yami. +
Ngihlole, wazi imicabango yami engikhathazayo. *+
24 Bheka ukuthi ikhona yini indlela elimazayo kimi, +Ungihole + ngendlela yaphakade.
Imibhalo yaphansi
^ NgesiHebheru, “Uyangikala.”
^ Noma, “lumangalisa kakhulu kimi.”
^ Noma, “ukuluqonda.”
^ Noma, “eShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma kungaba, “ngelukiwe.”
^ Noma kungaba, “ngizobe ngisaqhubeka ngiyibala.”
^ Noma, “abanecala legazi.”
^ Noma, “ngokomqondo wabo.”
^ Noma, “engincisha ukuthula.”