AmaHubo 19:1-14

  • Indalo nomthetho kaNkulunkulu kunikeza ubufakazi

    • “Amazulu amemezela inkazimulo kaNkulunkulu” (1)

    • Umthetho kaNkulunkulu ophelele ubuyisa amandla (7)

    • ‘Izono engizenze ngingaboni’ (12)

Kumqondisi. Ihubo likaDavide. 19  Amazulu amemezela inkazimulo kaNkulunkulu; +Umkhathi* umemezela ngomsebenzi wezandla zakhe. +   Usuku nosuku inkulumo yawo iyaphuphuma,Ubusuku nobusuku embula ulwazi.   Awakhulumi, akukho mazwi;Izwi lawo alizwakali.   Kodwa umsindo wawo* uphumele kuwo wonke umhlaba,Nomyalezo wawo uphumele emikhawulweni yomhlaba. *+ UNkulunkulu umise itende lelanga emazulwini;   Linjengomkhwenyana ephuma ekamelweni labasanda kushada;Lijabula njengeqhawe ligijima emncintiswaneni.   Liphuma komunye umkhawulo wamazulu,Lijikeleze liye komunye umkhawulo; +Akukho lutho olusithekile ekushiseni kwalo.   Umthetho kaJehova uphelele, + ubuyisa amandla. + Isikhumbuzo sikaJehova sithembekile, + sihlakaniphisa ongenalwazi. +   Imiyalo evela kuJehova ilungile, ijabulisa inhliziyo; +Umyalo kaJehova uhlanzekile, unikeza ukukhanya. +   Ukwesaba uJehova + kuhle, kuhlala kuze kube phakade. Izahlulelo zikaJehova ziyiqiniso, zonke zilungile. + 10  Zifiseleka kakhulu kunegolide,Kunegolide eliningi elicwengisisiwe, +Zimnandi kunoju, + kunoju oluconsa emakhekhebeni. 11  Inceku yakho ixwayisiwe ngazo; +Ukuzigcina kuletha umvuzo omkhulu. + 12  Ngubani ongawaqonda amaphutha akhe? + Ngithethelele ezonweni engizenze ngingaboni. 13  Nqanda inceku yakho ezenzweni zokugabadela; +Ungavumi ukuba zingibuse. + Khona-ke ngeke ngibe naphutha, +Ngiyoba msulwa ezonweni ezinkulu.* 14  Kwangathi amazwi omlomo wami nokuzindla kwenhliziyo yamiKungakujabulisa Jehova, + Dwala lami + noMkhululi wami. +

Imibhalo yaphansi

Noma, “Isibhakabhaka.”
Noma kungaba, “intambo yawo yokulinganisa.”
Noma, “yezwe elikhiqizayo.”
Noma, “eziphambekweni eziningi.”