AmaHubo 20:1-9
-
Ukusindiswa kwenkosi egcotshwe nguNkulunkulu
-
Abanye bathembele ezinqoleni nasemahhashini, “kodwa thina sibiza igama likaJehova” (7)
-
Kumqondisi. Ihubo likaDavide.
20 Kwangathi uJehova angakuphendula ngosuku lokucindezeleka.
Kwangathi igama likaNkulunkulu kaJakobe lingakuvikela. +
2 Kwangathi angakuthumelela usizo esendaweni engcwele +Akusekele eseZiyoni. +
3 Kwangathi angayikhumbula yonke iminikelo yakho yesipho;Kwangathi angawamukela ngomusa* umnikelo wakho oshiswayo. (Sela)
4 Kwangathi angakupha lokho okufiswa yinhliziyo yakho +Awaphumelelise wonke amacebo akho.
5 Sizomemeza ngenjabulo ngenxa yezenzo zakho zensindiso; +Sizolidumisa igama likaNkulunkulu wethu. +
Kwangathi uJehova angazifeza zonke izicelo zakho.
6 Manje sengiyazi ukuthi uJehova uyamsindisa ogcotshiwe wakhe. +
Uyamphendula esemazulwini akhe angcweleNgensindiso enkulu* ngesandla sakhe sokudla. +
7 Abanye bathembele ezinqoleni, abanye bathembele emahhashini, +Kodwa thina sibiza igama likaJehova uNkulunkulu wethu. +
8 Banqotshiwe bawa,Kodwa thina sivukile sama. +
9 O Jehova, sindisa inkosi! +
UNkulunkulu* uyosiphendula ngosuku esicela ngalo usizo. +
Imibhalo yaphansi
^ NgesiHebheru, “angawubheka njengokhuluphele.”
^ Noma, “Ngokunqoba okukhulu.”
^ Noma kungaba, “Inkosi.”