AmaHubo 24:1-10
-
INkosi ekhazimulayo ingena emasangweni
-
‘Umhlaba ungokaJehova’ (1)
-
Ihubo likaDavide.
24 Umhlaba nakho konke okukuwo kungokukaJehova, +Izwe elikhiqizayo nalabo abahlala kulo.
2 Ngoba uwumise waqina phezu kwezilwandle, +Wawumisa waqina phezu kwemifula.
3 Ngubani ongakhuphukela entabeni kaJehova, +Ngubani ongama endaweni yakhe engcwele?
4 Yinoma ngubani onezandla ezingenacala nenhliziyo emsulwa, +Ongazange afunge amanga ngokuphila kwami,*Nongazange afunge ngenkohliso. +
5 Uyothola izibusiso ezivela kuJehova +Nokulunga* okuvela kuNkulunkulu wakhe wensindiso. +
6 Lesi yisizukulwane salabo abamfunayo,Salabo abafuna ubuso bakho, Nkulunkulu kaJakobe. (Sela)
7 Phakamani,* nina masango; +Nivuleke, nina minyango yasendulo,Ukuze iNkosi ekhazimulayo ingene! +
8 Ingubani le Nkosi ekhazimulayo?
InguJehova onamandla noyiqhawe, +UJehova oyiqhawe lempi. +
9 Phakamani, nina masango; +Nivuleke, nina minyango yasendulo,Ukuze iNkosi ekhazimulayo ingene!
10 Ngubani le Nkosi ekhazimulayo?
NguJehova wamabutho—nguye oyiNkosi ekhazimulayo. + (Sela)
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “ngomphefumulo wami,” kubhekiselwa ekuphileni kukaJehova umuntu afunga ngakho.
^ Noma, “Nobulungisa.”
^ Noma, “Sukumani.”