AmaHubo 25:1-22
ElikaDavide.
א [Aleph]
25 O Jehova, ngiphendukela kuwe.*
ב [Beth]
2 Nkulunkulu wami, ngithembele kuwe; +Ungangivumeli ukuba ngihlazeke. +
Ungazivumeli izitha zami zisizakale ngami. +
ג [Gimel]
3 Ngokuqinisekile akekho noyedwa kulabo abathemba wena oyohlazeka, +Kodwa kuyohlazeka labo abakhohlisa ngaphandle kwesizathu. +
ד [Daleth]
4 O Jehova, ngazise izindlela zakho; +Ngifundise imikhondo yakho. +
ה [He]
5 Ngihambise eqinisweni lakho ungifundise, +Ngoba wena unguNkulunkulu wami wensindiso.
ו [Waw]
Usuku lonke ngithembe wena.
ז [Zayin]
6 O Jehova, khumbula isihe sakho nothando lwakho oluqotho, +Obulokhu ukubonisa. *+
ח [Heth]
7 Ungazikhumbuli izono zobusha bami neziphambeko zami.
Ngikhumbule ngokothando lwakho oluqotho, +Ngenxa yobuhle bakho, Jehova. +
ט [Teth]
8 UJehova muhle futhi uqotho. +
Yingakho efundisa izoni indlela yokuphila. +
י [Yod]
9 Uyoluleka abamnene ukuba benze okulungile, *+Uyofundisa abamnene indlela yakhe. +
כ [Kaph]
10 Zonke izindlela zikaJehova zibonisa uthando lwakhe oluqotho nokwethembekaKulabo abagcina isivumelwano sakhe + nezikhumbuzo zakhe. +
ל [Lamed]
11 O Jehova, ngenxa yegama lakho, +Thethelela isiphambeko sami nakuba sisikhulu.
מ [Mem]
12 Ngubani umuntu owesaba uJehova? +
Uyomfundisa indlela okufanele ayikhethe. +
נ [Nun]
13 Uyothola okuhle, +Nesizukulwane* sakhe siyodla ifa lomhlaba. +
ס [Samekh]
14 Ubungane obuseduze noJehova bungobalabo abamesabayo, +Ubafundisa isivumelwano sakhe. +
ע [Ayin]
15 Amehlo ami ahlale ebheke kuJehova, +Ngoba uyokhulula izinyawo zami enethini. +
פ [Pe]
16 Phendulela ubuso bakho kimi, ungibonise umusa,Ngoba ngingedwa futhi ngihluphekile.
צ [Tsade]
17 Seziziningi izinto ezikhathaza inhliziyo yami; +Ngikhulule osizini lwami.
ר [Resh]
18 Bona ukuhlupheka kwami nezinkinga zami, +Uxolele zonke izono zami. +
19 Bheka ukuthi ziningi kangakanani izitha zamiNokuthi zingizonda kakhulu kangakanani.
ש [Shin]
20 Qapha ukuphila kwami ungisindise. +
Ungangivumeli ukuba ngihlazeke ngoba ngiphephele kuwe.
ת [Taw]
21 Kwangathi ubuqotho nokuqonda kungangilonda, +Ngoba ngethembe wena. +
22 O Nkulunkulu, khulula u-Israyeli kuzo zonke izingcindezi zakhe.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “ngiwuphakamisela kuwe umphefumulo wami.”
^ Noma, “Obekulokhu kukhona kusukela endulo.”
^ NgesiHebheru, “abamnene ngesahlulelo.”
^ NgesiHebheru, “Nembewu.”