AmaHubo 32:1-11
ElikaDavide. Imaskili.*
32 Uyajabula lowo oxolelwe isiphambeko sakhe, othethelelwe* isono sakhe. +
2 Uyajabula umuntu uJehova angambeki cala, +Nongakhohlisi.
3 Lapho ngilokhu ngithule, ngakhathala ngenxa yokububula kwami usuku lonke. +
4 Ngoba isandla sakho sasinzima phezu kwami* imini nobusuku. +
Amandla ami ashabalala* njengamanzi ehlobo elishisayo. (Sela)
5 Ekugcineni ngasivuma isono sami kuwe;Angizange ngisifihle isiphambeko sami. +
Ngathi: “Ngizozivuma izeqo zami kuJehova.” +
Wena wasithethelela isono sami. + (Sela)
6 Yingakho wonke umuntu oqotho eyothandaza kuwe +Ngesikhathi usatholakala. +
Khona-ke ngisho nezikhukhula ngeke zifike kuye.
7 Uyindawo yami yokucasha;Uyongivikela ngezikhathi ezinzima. +
Uyongihaqa ngokumemeza kwenjabulo lapho ungikhulula. + (Sela)
8 “Ngiyokunika ukuqonda, ngikufundise indlela okufanele uhambe ngayo. +
Ngiyokweluleka, iso lami likubhekile. +
9 Ungabi njengehhashi noma umnyuzi okungenakho ukuqonda, +Okumandla ako kumelwe alawulwe ngetomu noma ngomkhalaNgaphambi kokuba kusondele kuwe.”
10 Ziningi izinhlungu zomubi;Kodwa othembela kuJehova uvikelwe uthando lwaKhe oluqotho. +
11 Thokozani ngoJehova nijabule, nina enilungile;Nimemeze ngenjabulo, nonke nina eniqotho enhliziyweni.
Imibhalo yaphansi
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “esimboziwe.”
^ Noma, “intukuthelo yakho yayingisinda.”
^ Noma, “Umswakama wokuphila kwami washintsha.”