AmaHubo 37:1-40
ElikaDavide.
א [Aleph]
37 Ungathukutheli* ngenxa yabantu ababiUngabi nomona ngabenza okubi. +
2 Bayobuna ngokushesha njengotshani +Bayobuna njengotshani obusha obuluhlaza.
ב [Beth]
3 Thembela kuJehova wenze okuhle; +Hlala emhlabeni,* wenze ngokwethembeka. +
4 Jabula kakhulu* ngoJehova,Uyokunika izinto ezifiswa yinhliziyo yakho.
ג [Gimel]
5 Vumela uJehova aqondise indlela yakho; *+Thembela kuye, yena uyokusiza. +
6 Uyokwenza ukulunga kwakho kukhanye njengasekuseni,Nobulungisa bakho njengelanga lasemini.
ד [Daleth]
7 Thula phambi kukaJehova +Umlinde ngesineke.*
Ungamthukutheleli umuntuOphumelelayo emacebweni akhe. +
ה [He]
8 Hlukana nentukuthelo uyeke ulaka; +Ungacasuki bese wenza okubi.*
9 Ngoba abantu ababi bazobhujiswa, +Kodwa labo abathemba uJehova bayodla ifa lomhlaba. +
ו [Waw]
10 Sekusele isikhashana nje, ababi bazobe bengasekho; +Uyoyibheka indawo yabo,Bayobe bengekho. +
11 Kodwa abamnene bayodla ifa lomhlaba, +Bayothola injabulo enkulu ngenxa yokuthula okuchichimayo. +
ז [Zayin]
12 Umuntu omubi wakhela olungile uzungu; +Umgedlela amazinyo.
13 Kodwa uJehova uyomhleka,Ngoba uyazi ukuthi usuku lwakhe luyeza. +
ח [Heth]
14 Ababi bahosha izinkemba zabo, bacibishela imicibisholo yaboUkuze bawise abacindezelwe nabampofu,Ukuze babulale abaqotho endleleni yabo.
15 Kodwa inkemba yabo iyogwaza inhliziyo yabo; +Imicibisholo yabo iyophulwa.
ט [Teth]
16 Kungcono okuncane kolungileKunensada yababi abaningi. +
17 Ngoba izingalo zababi ziyophulwa,Kodwa uJehova uyomsekela olungile.
י [Yod]
18 UJehova uyakubona lokho abangenaphutha ababhekana nakho,*Ifa labo liyohlala kuze kube phakade. +
19 Ngeke babe namahloni ngesikhathi senhlekelele;Ngesikhathi sendlala bayoba nenala.
כ [Kaph]
20 Kodwa ababi bayoshabalala; +Izitha zikaJehova ziyoshabalala njengamadlelo aluhlaza;Ziyonyamalala njengentuthu.
ל [Lamed]
21 Omubi uyaboleka angabuyiseli,Kodwa olungile unomusa* futhi uyaphana. +
22 Labo ababusiswe nguNkulunkulu bayodla ifa lomhlaba,Kodwa labo abaqalekiswe nguYe bayobhujiswa. +
מ [Mem]
23 UJehova uqondisa* izinyathelo zomuntu, +Uma eyithanda indlela aphila ngayo. +
24 Nakuba engase akhubeke, ngeke awe phansi ngobuso, +Ngoba uJehova umbamba ngesandla* amphakamise. +
נ [Nun]
25 Ngake ngaba musha, manje sengikhulile,Kodwa angikaze ngimbone olungile eshiywe dengwane, +Noma izingane zakhe ziswele ukudla. *+
26 Uhlale ebolekisa ngaphandle kokufuna inzalo, +Izingane zakhe zilindelwe yizibusiso.
ס [Samekh]
27 Suka kokubi wenze okuhle, +Khona-ke uyohlala emhlabeni kuze kube phakade.
28 Ngoba uJehova uyabuthanda ubulungisa,Ngeke abashiye abantu bakhe abaqotho. +
ע [Ayin]
Bayohlale begadiwe; +Kodwa inzalo yababi iyobhujiswa. +
29 Abalungile bayodla ifa lomhlaba, +
Bahlale kuwo kuze kube phakade. +
פ [Pe]
30 Umlomo wolungile ukhipha ukuhlakanipha,*Nolimi lwakhe lukhuluma ngobulungisa. +
31 Umthetho kaNkulunkulu wakhe usenhliziyweni yakhe; +Izinyawo zakhe ngeke zishelele. +
צ [Tsade]
32 Omubi ulinde olungile,Ufuna ukumbulala.
33 Kodwa uJehova ngeke amnikele esandleni sakhe +Noma athi unecala lapho ahlulelwa. +
ק [Qoph]
34 Themba uJehova, uhambe ngendlela yakhe,Uyokuphakamisa ukuba udle ifa lomhlaba.
Uyobukela + lapho ababi bebhujiswa. +
ר [Resh]
35 Ngimbonile umuntu omubi nononyaEnaba njengesihlahla esikhephuzelayo emhlabathini waso. +
36 Kodwa wadlula ngokushesha futhi wayengasekho; +Ngangilokhu ngimfuna kodwa akatholakalanga. +
ש [Shin]
37 Mqaphele ongasoleki,*Ugcine oqotho + ephambi kwamehlo akho,Ngoba ikusasa lalowo muntu liyoba nokuthula. +
38 Kodwa zonke izeqamthetho ziyobhujiswa;Abantu ababi ngeke babe nalo ikusasa. +
ת [Taw]
39 Insindiso yabalungile ivela kuJehova; +Uyinqaba yabo ngesikhathi sokucindezeleka. +
40 UJehova uyobasiza abakhulule. +
Uyobakhulula kubantu ababi abasindise,Ngoba baphephela kuye. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “Ungafuthelani.”
^ Noma, “ezweni.”
^ Noma, “Thola intokozo enkulu.”
^ NgesiHebheru, “Gingqela indlela yakho kuJehova.”
^ Noma, “ngokulangazela.”
^ Noma kungaba, “Ungathukutheli ngoba lokho kungakulimaza.”
^ NgesiHebheru, “uyazibona izinsuku zabangenaphutha.”
^ Noma, “unesandla esivulekile.”
^ Noma, “uqinisa.”
^ Noma, “ngesandla saKhe.”
^ Noma, “isinkwa.”
^ Noma, “ukhuluma ukuhlakanipha ngezwi eliphansi.”
^ Noma, “ogcina ubuqotho bakhe.”