AmaHubo 44:1-26
Kumqondisi. Elamadodana kaKhora. + Imaskili.*
44 O Nkulunkulu, sizwile ngezindlebe zethu,Okhokho bethu basitshelile, +Ngezinto owazenza ezinsukwini zabo,Ezinsukwini zasendulo.
2 Waxosha izizwe ngesandla sakho, +Wabeka okhokho bethu endaweni yazo. +
Wanqoba izizwe wazixosha. +
3 Abazange balithathe ngenkemba yabo izwe, +Abazange banqobe ngamandla abo. +
Kunalokho, banqoba ngesandla sakho sokudla nangamandla akho + nangomusa wakho,Ngoba wawubathanda. +
4 O Nkulunkulu, wena uyiNkosi yami; +Yenza* ukuba uJakobe anqobe ngokuphelele.*
5 Ngamandla akho sizozixosha izitha zethu; +Ngegama lakho sizobanyathela abasivukelayo. +
6 Ngoba angithembele emnsalweni wami,Inkemba yami ayikwazi ukungisindisa. +
7 Nguwe owasisindisa ezitheni zethu, +Wabahlaza labo abasizondayo.
8 Sizomdumisa uNkulunkulu usuku lonke,Sizolibonga igama lakho kuze kube phakade. (Sela)
9 Kodwa manje usilahlile wasilulaza,Awuhambi namabutho ethu.
10 Ulokhu usenza ukuba sizibalekele izitha zethu; +Labo abasizondayo bazithathela yonke into abayifunayo.
11 Usinikela njengezimvu ukuba basishwabadele;Usihlakazele ezizweni. +
12 Uthengisa abantu bakho ngenani eliphansi; +Awutholi nzuzo ngokubathengisa.*
13 Usenza sibe yisihlamba komakhelwane bethu,Into yokwenziwa inhlekisa neyokwethukwa yilabo abasizungezile.
14 Usenza sibe yinto yokwedelelwa yizizwe, *+Into yokunikinelwa ikhanda.
15 Ngizizwa ngihlazekile usuku lonke,Ngimbozwe amahloni,
16 Ngenxa yokukloloda nenhlamba yazo,Ngenxa yesitha sethu esiziphindiselelayo.
17 Konke lokhu kusehlele, kodwa asizange sikukhohlwe,Asisephulanga isivumelwano sakho. +
18 Inhliziyo yethu ayiyekanga ukuba qotho;Izinyathelo zethu aziphambuki endleleni yakho.
19 Kodwa usiphahlazele endaweni yezimpungushe;Usimboze ngethunzi elimnyama.
20 Uma silikhohliwe igama likaNkulunkulu wethuNoma uma selule izandla zethu sathandaza komunye unkulunkulu,
21 Ngeke yini uNkulunkulu akuthole lokhu?
Uyazazi izimfihlo zenhliziyo. +
22 Sibulawa usuku lonke ngenxa yakho;Siphathiswa okwezimvu zokuhlatshwa. +
23 O Jehova, vuka. Kungani ulokhu ulele? +
Phaphama! Ungalokhu usilahla kuze kube phakade. +
24 Ubufihlelani ubuso bakho?
Kungani ukhohlwa ukuhlupheka nokucindezelwa kwethu?
25 Ngoba sehliselwe* othulini;Imizimba yethu icindezelwe emhlabathini. +
26 Vuka usisize! +
Sikhulule* ngenxa yothando lwakho oluqotho. +
Imibhalo yaphansi
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “Yala.”
^ Noma, “athole insindiso enkulu.”
^ Noma, “ngentengo yabo.”
^ NgesiHebheru, “yisaga phakathi kwezizwe.”
^ Noma, “umphefumulo wethu wehliselwe.”
^ NgesiHebheru, “Sisindise.”