AmaHubo 50:1-23
Ihubo lika-Asafa. +
50 UNkulunkulu ophakeme kunabanye onkulunkulu, uJehova, *+ ukhulumile;Ubiza umhlabaKusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekushoneni kwalo.*
2 UNkulunkulu uyakhanya eseZiyoni, idolobha elihle ngokuphelele. +
3 UNkulunkulu wethu uzofika futhi ngeke ahlale ethule. +
Phambi kwakhe kukhona umlilo oqothulayo, +Kuvunguza isiphepho nxazonke zakhe. +
4 Ubiza amazulu nomhlaba njengofakazi, +Ukuze ahlulele abantu bakhe: +
5 “Buthelani kimi abantu bami abaqotho,Labo abenza isivumelwano nami ngomhlatshelo.” +
6 Amazulu amemezela ukulunga kwakhe,Ngoba uNkulunkulu unguMahluleli. + (Sela)
7 “Lalelani bantu bami, mina ngizokhuluma;Israyeli, ngizonikeza ubufakazi obukulahlayo. +
NginguNkulunkulu, uNkulunkulu wakho. +
8 Angikusoli ngenxa yemihlatshelo yakho,Noma ngenxa yeminikelo yakho eshiswa ngokuphelele ehlale iphambi kwami. +
9 Akudingeki ngithathe inkunzi emzini wakho,Noma izimbuzi* ezibayeni zakho. +
10 Ngoba zonke izilwane zasendle ezisemahlathini zingezami, +Ngisho nezilwane ezikuzo zonke izintaba.
11 Ngizazi zonke izinyoni ezisezintabeni; +Izilwane zasendle ezingenakubalwa zingezami.
12 Ukube bengilambile, bengingeke ngitshele wena,Ngoba umhlaba nakho konke okukuwo kungokwami. +
13 Ngizoyidla yini inyama yezinkunziNgiphuze negazi lezimbuzi? +
14 Nikela ukubonga njengomhlatshelo wakho kuNkulunkulu, +Ugcwalise izifungo zakho koPhezukonke; +
15 Ngibize ngesikhathi sokucindezeleka. +
Ngizokukhulula, wena ungikhazimulise.” +
16 Kodwa uNkulunkulu uyothi komubi:
“Unalungelo lini lokukhuluma ngeziqondiso zami, +Noma lokukhuluma ngesivumelwano sami? +
17 Ngoba uyasizonda isiyalo,*Ulokhu ungawalaleli amazwi ami. *+
18 Lapho ubona isela, usebenzelana nalo, *+Uphila neziphingi.
19 Umlomo wakho uwusebenzisela ukukhuluma izinto ezimbi,Inkohliso inamathele olimini lwakho. +
20 Uhlala phansi ukhulume kabi ngomfowenu; +Udalula amaphutha omfowenu.*
21 Lapho wenza lezi zinto, ngathula,Wawucabanga ukuthi ngizofana nawe.
Kodwa manje ngizokusola,Ngizowasho amacala engikubeka wona. +
22 Ngicela nicabange ngalokhu, nina enikhohlwa uNkulunkulu, +Ukuze nginganidwenguli nibe yizicucu ebe engekho ozonikhulula.
23 Lowo onikela ukubonga njengomhlatshelo wakhe uyangikhazimulisa, +Lowo olandela inkambo yokulunga,Ngizomenza abone insindiso kaNkulunkulu.” +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “Owaphezulu, uNkulunkulu, uJehova.”
^ Noma, “Kusukela empumalanga kuye entshonalanga.”
^ NgesiHebheru, “izimpongo.”
^ NgesiHebheru, “uphonsa amazwi ami emva kwakho.”
^ Noma, “isiqondiso.”
^ Noma kungaba, “uhlanganyela kanye nalo.”
^ Noma, “Ulimaza idumela lomfowenu.”