AmaHubo 51:1-19
Kumqondisi. Ihubo likaDavide, lapho uNathani umprofethi efika kuye ngemva kokuba uDavide elale noBhati-sheba. +
51 O Nkulunkulu, ngibonise umusa ngenxa yothando lwakho oluqotho. +
Sula izeqo zami ngokuvumelana nesihe sakho esikhulu. +
2 Ngigezisise esiphambekweni sami, +Ungihlanze esonweni sami. +
3 Ngoba ngizazi kahle iziphambeko zami,Nesono sami ngihlale ngicabanga ngaso. *+
4 Ngone kuwe—wena wedwa; *+Ngenze okubi emehlweni akho. +
Ngakho-ke, ulungile lapho ukhuluma,Ulungile lapho wahlulela. +
5 Bheka! Ngazalwa nginesono,Umama wangikhulelwa esonweni. *+
6 Bheka! Inhliziyo yakho iyalithanda iqiniso; +Fundisa inhliziyo yami* ukuhlakanipha kwangempela.
7 Ngihlanze esonweni sami ngehisopi, ukuze ngihlanzeke; +Ngigeze ukuze ngibe mhlophe kuneqhwa. +
8 Mangizwe umsindo wokujabula nowokuthokoza,Ukuze amathambo owaphulile elapheke. *+
9 Ngixolele izono zami, *+Uzesule zonke izono zami, +
10 O Nkulunkulu, hlanza inhliziyo yami, +Ufake ngaphakathi kimi umoya omusha, + ozongisiza ngibe qotho.
11 Ungangixoshi phambi kwakho;Ungawususi umoya wakho ongcwele kimi.
12 Buyisela kimi injabulo engayizwa lapho ungisindisa; +Ngenze ngibe nesifiso sokufuna ukukulalela.*
13 Ngizofundisa izeqamthetho izindlela zakho, +Ukuze izoni zibuyele kuwe.
14 O Nkulunkulu, ngikhulule ekubeni necala legazi, + Nkulunkulu wensindiso yami, +Ukuze ulimi lwami lumemezele ukulunga kwakho ngenjabulo. +
15 O Jehova, vula umlomo wami,Ukuze ngimemezele udumo lwakho. +
16 Ngoba awuwufuni umhlatshelo—ukube ubuwufuna bengizowunikela; +Awujatshuliswa umnikelo oshiswayo ophelele. +
17 Imihlatshelo ejabulisa uNkulunkulu iwumoya ophukile;O Nkulunkulu, inhliziyo ephukile nedabukile uyoyamukela. *+
18 Yenzela iZiyoni okuhle;Yakha izindonga zeJerusalema.
19 Khona-ke iyokujabulisa imihlatshelo yokulunga,Imihlatshelo eshiswayo neminikelo ephelele;Khona-ke izinkunzi ziyonikelwa e-altare lakho. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “sihlale siphambi kwami.”
^ NgesiHebheru, “ngaphezu kwabo bonke.”
^ Noma, “Ngaba nesono lapho nje umama engikhululelwa.”
^ Noma, “ingaphakathi lami.”
^ NgesiHebheru, “ajabule.”
^ Noma, “Fihla ubuso bakho ezonweni zami.”
^ NgesiHebheru, “Kwangathi ungangisekela unginike umoya ovumayo.”
^ Noma, “ngeke uyidelele.”