AmaHubo 61:1-8

  • UNkulunkulu ungumbhoshongo oqinile osivikela ezitheni

    • “Ngizoba yisimenywa etendeni lakho” (4)

Kumqondisi; kufanele lihambisane nezinsimbi zomculo ezinezintambo. ElikaDavide. 61  O Nkulunkulu, yizwa ukukhalela kwami usizo. Lalela umthandazo wami. +   Ngizokhala kuwe ngisemikhawulweni yomhlabaLapho inhliziyo yami iphelelwe yithemba. *+ Ngiholele edwaleni eliphakeme kunami. +   Ngoba uyisiphephelo sami,Umbhoshongo oqinile ongivikela esitheni. +   Ngizoba yisimenywa etendeni lakho kuze kube phakade; +Ngizophephela ngaphansi kwesivikelo samaphiko akho. + (Sela)   Ngoba wena, Nkulunkulu, uzizwile izifungo zami. Unginike ifa elitholwa yilabo abesaba igama lakho. +   Uyokwelula ukuphila kwenkosi, *+Iyophila isikhathi eside, izizukulwane ngezizukulwane.   Iyohlala esihlalweni sobukhosi* kuze kube phakade phambi kukaNkulunkulu; +Kwangathi uthando lwakho oluqotho nokwethembeka kwakho kungayivikela. *+   Khona-ke ngiyolihubela izindumiso* igama lakho kuze kube phakade +Njengoba ngigcwalisa izifungo zami usuku nosuku. +

Imibhalo yaphansi

Noma, “iba buthaka.”
NgesiHebheru, “Uyokwenezela izinsuku ezinsukwini zenkosi.”
Noma, “Iyohlala.”
Noma, “Yinike uthando oluqotho nokwethembeka ukuze kuyivikele.”
Noma, “ngiyoliculela.”