AmaHubo 65:1-13
Kumqondisi. Ihubo likaDavide. Ingoma.
65 O Nkulunkulu, uzodunyiswa eZiyoni; +Sizozifeza izifungo esizenze kuwe. +
2 Wena olalela imithandazo, zonke izinhlobo zabantu zizoza kuwe. +
3 Iziphambeko zami zingaphezu kwamandla ami, +Kodwa uyazimboza izeqo zethu. +
4 Uyajabula umuntu omkhethayo, bese umsondezaUkuze ahlale emagcekeni akho. +
Siyokwaneliswa ubuhle bendlu yakho, +Ithempeli lakho elingcwele. *+
5 Uyosiphendula ngezenzo ezimangalisayo + zokulunga,O Nkulunkulu wensindiso yethu;UyiThemba labantu kuwo wonke umhlaba +Nelalabo abakude phesheya kolwandle.
6 Wamisa izintaba zaqina ngamandla akho;Unamandla amakhulu. +
7 Wenza ulwandle olugubhayo luzole, +Uthulisa umsindo wamagagasi alo nenhlokomo yezizwe. +
8 Abahlala ezindaweni ezikude bayomangazwa yizibonakaliso zakho; +Uyobangela ukuba abasempumalanga nabasentshonalanga bamemeze ngenjabulo.
9 Unakekela umhlaba,Uwenza uthele kakhulu,* ube nenala. +
Ugcwalise imifula ngamanzi;Ulungiselela abantu ukudla okusanhlamvu, +Ngoba yileyo ndlela owenze ngayo umhlaba.
10 Imisele yawo uyigcwalisa ngamanzi, uhlelemba umhlabathi olinyiwe;*Uwuthambisa ngemvula; uyawubusisa. +
11 Uhlobisa unyaka ngobuhle bakho;Izindawo ohamba kuzo zigcwele ubuhle. *+
12 Amadlelo asehlane anotshani obuluhlaza obunamazolo, *+Amagquma embethe injabulo. +
13 Amadlelo agcwele imihlambi,Nezigodi* zimbozwe ngokudla okusanhlamvu. +
Izwe lonke limemeza ngenjabulo, yebo, liyahlabelela. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “Indlu yakho engcwele.”
^ NgesiHebheru, “uchichime.”
^ Noma, “uhlelemba amagquma awo.”
^ NgesiHebheru, “ziconsa amafutha.”
^ NgesiHebheru, “obuconsayo.”
^ Noma, “Namathafa aphansi.”