AmaHubo 71:1-24
71 O Jehova, ngiphephele kuwe.
Kwangathi ngingeze ngaba namahloni. +
2 Ngikhulule ungisindise ngokulunga kwakho.
Ngilalele* ungisindise. +
3 Yiba yidwala kimiEngizoya kulo njalo.
Yala ukuba ngisindiswe,Ngoba wena uyidwala lami nesiphephelo sami. +
4 O Nkulunkulu wami, ngikhulule esandleni somubi, +Ekubanjweni umcindezeli ongenabulungisa.
5 Ngoba wena uyithemba lami, Nkosi EnguMbusi Jehova;Bengilokhu ngithembele kuwe kusukela ebusheni bami. +
6 Ngathembela kuwe kusukela ngizalwa;Nguwe owangikhipha esibelethweni sikamama. +
Ngikudumisa njalo.
7 Abantu abaningi bamangala lapho bebona okwakwenzeke kimi,Kodwa wena, uyisiphephelo sami esiqinile.
8 Umlomo wami uzokudumisa usuku lonke; +Ukhulume ngobuhle bakho.
9 Ungangilahli lapho sengigugile; +Ungangishiyi lapho amandla ami ephela. +
10 Izitha zami zikhuluma ngami,Nalabo abafuna ukungibulala bayacebisana, +
11 Bathi: “UNkulunkulu umshiyile.
Mjaheni nimbambe, ngoba akekho ozomsindisa.” +
12 O Nkulunkulu, ungabi kude nami.
Nkulunkulu wami, phuthuma ungisize. +
13 Kwangathi labo abamelana namiBangaba namahloni bashabalale. +
Kwangathi labo abangifunela inhlekeleleBangambozwa ngehlazo nangokululazeka. +
14 Kepha mina, ngizolinda njalo;Ngizokudumisa kakhulu kunasekuqaleni.
15 Umlomo wami uyokhuluma ngokulunga kwakho, +Uyokhuluma ngezenzo zakho zokusindisa usuku lonke,Nakuba ziziningi ukuba ngiziqonde. *+
16 Ngizokhuluma ngezenzo zakho ezimangalisayo,Nkosi EnguMbusi Jehova;Ngizokhuluma ngokulunga kwakho, kwakho wedwa.
17 O Nkulunkulu, ungifundisile kusukela ebusheni bami, +Kuze kube manje ngimemezela ngemisebenzi yakho emangalisayo. +
18 O Nkulunkulu, ungangishiyi ngisho nalapho sengigugile ngimpunga. +
Mangixoxele isizukulwane esizayo ngamandla akho,*Ngamandla akho kubo bonke abasazofika. +
19 Ukulunga kwakho Nkulunkulu, kuphakeme kakhulu; +Wenze izinto ezinkulu;O Nkulunkulu ubani onjengawe? +
20 Nakuba uvumele ukuba ngibhekane nokucindezeleka nenhlekelele, +Phinde ungivuselele;Ngikhiphe ekujuleni komhlaba. *+
21 Kwangathi ungangikhulisa nakakhuluUngivikele ungiduduze.
22 Khona-ke ngizokudumisa ngensimbi yomculo enezintamboNgenxa yokwethembeka kwakho, Nkulunkulu. +
Ngizokuhubela izindumiso* ngehabhu,Wena oNgcwele ka-Israyeli.
23 Umlomo wami uzomemeza ngenjabulo lapho ngikudumisa, +Ngoba usindise ukuphila kwami. +
24 Ngizokhuluma* ngokulunga kwakho usuku lonke, +Ngoba labo abafuna ukungibulala bayoba namahloni, bahlazeke. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “Goba ulalele.”
^ Noma, “ngizibale.”
^ NgesiHebheru, “ngengalo yakho.”
^ Noma, “emanzini ajulile.”
^ Noma, “Ngizokuculela.”
^ Noma, “Ngizozindla.”