AmaHubo 94:1-23
94 O Nkulunkulu wempindiselo, Jehova, +O Nkulunkulu wempindiselo, khanya!
2 Phakama, Mahluleli womhlaba. +
Phindisela kwabaziphakamisayo ngokwalokho okubafanele. +
3 Kuyoze kube nini, Jehova,Kuyoze kube nini abantu ababi belokhu bethokoza? +
4 Bakhuluma bengacabanganga nangokuziphakamisa;Bonke abenzi bokubi bayaqhosha.
5 O Jehova, balimaza abantu bakho, +Bacindezela ifa lakho.
6 Babulala umfelokazi nesifiki,Babulala nezintandane.
7 Bathi: “UJah akaboni; +UNkulunkulu kaJakobe akazi ukuthi kwenzekani.” +
8 Qondani lokhu, nina eningacabangi;Nina ziphukuphuku, niyoba nini nokuqonda? +
9 Owadala* indlebe, akakwazi yini ukuzwa?
Lowo owabumba iso, akakwazi yini ukubona? +
10 Lowo oqondisa izizwe, ngeke yini ajezise? +
NguYe onika abantu ulwazi! +
11 UJehova uyayazi imicabango yabantu,Ukuthi iwumoya nje okhishwa ngamakhala. +
12 O Jah, iyajabula indoda oyiqondisayo, +Oyifundisa umthetho wakho, +
13 Ukuze uyinike ukuthula ngezinsuku zenhlekelele,Kuze kube yilapho omubi egujelwa igodi. +
14 UJehova ngeke abashiye abantu bakhe, +Noma ashiye ifa lakhe. +
15 Ngoba isahlulelo sizophinde sibe nobulungisa,Bonke abanezinhliziyo eziqotho bayosilandela.
16 Ubani oyongimela phambi kwababi?
Ubani oyongimela kwabenza okubi?
17 Ukube uJehova ubengangisizi,Bengiyoshabalala* ngokushesha. +
18 Lapho ngithi: “Unyawo lwami luyashelela,”
Jehova, uthando lwakho oluqotho lwalulokhu lungisekela. +
19 Lapho ngikhungethwe yizinkathazo,*Wangiduduza wangenza ngazola. +
20 Isihlalo sobukhosi senkohlakalo* singahlotshaniswa yini naweKuyilapho sidala izinkinga egameni lomthetho? *+
21 Bahlasela olungile ngonya +Bakhipha isigwebo sokuba ongenacala abulawe. *+
22 Kodwa uJehova uzoba yindawo yami yokuphephela,*UNkulunkulu wami uyidwala lami lokuphephela. +
23 Uzokwenza ukuba izenzo zabo ezimbi zehlele kubo. +
Uzobabulala* ngokubehlisela ububi babo.
UJehova uNkulunkulu uzobabulala. *+
Imibhalo yaphansi
^ NgesiHebheru, “Owabeka.”
^ Noma, “Umphefumulo wami ubuyoshabalala.” NgesiHebheru, “Bengiyohlala ekuthuleni.”
^ Noma, “Lapho imicabango engincisha ukuthula iba miningi ngaphakathi kimi.”
^ Noma, “Ababusi abakhohlakele; Abahluleli abakhohlakele.”
^ Noma, “ngesinqumo somthetho.”
^ NgesiHebheru, “Balilahla ngecala igazi lomsulwa.”
^ Noma, “ephakeme elondekile.”
^ NgesiHebheru, “Uzobathulisa.”
^ NgesiHebheru, “uzobathulisa.”