AmaHubo 96:1-13
96 Hubelani uJehova ingoma entsha. +
Culelani uJehova, nonke nina bantu basemhlabeni! +
2 Hubelani uJehova; dumisani igama lakhe.
Usuku nosuku memezelani izindaba ezinhle zensindiso yakhe. +
3 Memezelani inkazimulo yakhe phakathi kwezizwe,Imisebenzi yakhe emangalisayo kuzo zonke izizwe. +
4 UJehova mkhulu futhi ukufanelekela kakhulu ukudunyiswa.
Uyesabeka ngaphezu kwabo bonke abanye onkulunkulu.
5 Bonke onkulunkulu bezizwe bangonkulunkulu abangasizi ngalutho, +Kodwa uJehova nguye owadala amazulu. +
6 Uzungezwe ubukhulu nobukhazikhazi; +Amandla nobuhle kusendlini yakhe engcwele. +
7 Dumisani uJehova, nina mindeni yezizwe,Dumisani uJehova ngenxa yenkazimulo namandla akhe. +
8 Nikani uJehova inkazimulo efanele igama lakhe; +Lethani isipho ningene emagcekeni akhe.
9 Khothamani* kuJehova nembethe izingubo ezingcwele;*Thuthumelani phambi kwakhe mhlaba wonke!
10 Memezelani ezizweni, nithi: “UJehova useyiNkosi! +
Umhlaba* umiswe waqina, awunakunyakaziswa.*
Uyokwahlulela* izizwe ngobulungisa.” +
11 Amazulu mawathokoze, nomhlaba mawujabule;Ulwandle maludume nakho konke okukulo; +
12 Amathafa nakho konke okukuwo makuthokoze. +
Ngesikhathi esifanayo zonke izihlahla ezisehlathini mazimemeze ngenjabulo +
13 Phambi kukaJehova ngoba uyeza,*Uyeza uzokwahlulela umhlaba.
Uzokwahlulela abahlala emhlabeni* ngokulunga +Nezizwe ngokuthembeka kwakhe. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma kungaba, “ngenxa yobukhazikhazi bobungcwele bakhe.”
^ Noma, “Khonzani.”
^ Noma, “Izwe elivundile.”
^ Noma, “awusoze wantengantengiswa.”
^ Noma, “Uyomela.”
^ Noma, “ufikile.”
^ Noma, “izwe elivundile.”