AmaHubo 97:1-12
97 UJehova useyiNkosi! +
Umhlaba mawujabule. +
Iziqhingi eziningi mazithokoze. +
2 Amafu nobumnyama kumzungezile nxazonke; +Ukulunga nobulungisa kuyisisekelo sesihlalo sakhe sobukhosi. +
3 Phambi kwakhe kuphuma umlilo, +Uqothula izitha zakhe nxazonke. +
4 Imibani yakhe ikhanyisa izwe;Umhlaba uyakubona lokhu uthuthumele. +
5 Izintaba zincibilika njengekhekheba lezinyosi phambi kukaJehova, +Phambi kweNkosi yomhlaba wonke.
6 Amazulu amemezela ngokulunga kwakhe,Zonke izizwe ziyayibona inkazimulo yakhe. +
7 Mabahlazeke bonke abakhonza izithombe ezibaziwe, +Abaqhosha ngonkulunkulu abangasizi ngalutho. +
Mkhothameleni,* nonke nina bonkulunkulu. +
8 IZiyoni liyezwa lijabule; +Amadolobhana* akwaJuda ayajabulaNgenxa yezahlulelo zakho, Jehova. +
9 Ngoba wena, Jehova, ungoPhezukonke emhlabeni wonke;Uphakeme kakhulu kunabo bonke abanye onkulunkulu. +
10 O nina enithanda uJehova, zondani okubi. +
Uqapha ukuphila* kwabaqotho bakhe; +Uyabakhulula esandleni* sababi. +
11 Abalungile bathole ukukhanya +Ngisho nabaqotho enhliziyweni bajabule.
12 O nina enilungile, jabulani ngoJehova,Nibonge igama* lakhe elingcwele.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “Mkhonzeni.”
^ NgesiHebheru, “Amadodakazi.”
^ Noma, “imiphefumulo.”
^ Noma, “emandleni.”
^ NgesiHebheru, “isikhumbuzo.”