U-Amose 1:1-15

  • U-Amose uthola umyalezo ovela kuJehova (1, 2)

  • Izahlulelo zokuvukela kaningi (3-15)

1  Lawa amazwi ka-Amose,* owayephakathi kwabafuyi bezimvu baseThekhowa, + awabona embonweni ophathelene no-Israyeli ezinsukwini zika-Uziya + inkosi yakwaJuda nasezinsukwini zikaJerobowamu + indodana kaJowashi, + inkosi yakwa-Israyeli, eminyakeni emibili ngaphambi kokuzamazama komhlaba. +  Wathi: “UJehova uyobhonga eseZiyoni,Uyophakamisa izwi lakhe eseJerusalema. Amadlelo abelusi ayolila,Nesiqongo saseKarmeli siyokoma.’’ +   “Yilokhu uJehova akushoyo,‘ “Ngenxa yokuvukela* kaningi* kweDamaseku, ngeke ngikushintshe engikunqumile,Ngoba balichoboza iGileyadi ngezinto zokubhula. +   Ngakho ngiyothumela umlilo phezu kwendlu kaHazayeli, +Uyoshwabadela imibhoshongo eqinile kaBheni-hadadi. +   Ngiyophula imigoqo yaseDamaseku; +Ngiqothule abahlala eBhikati-aveniNalowo obusa* eBheti-edene;Abantu baseSiriya bayoya eKhiri njengabadingisiwe,” + kusho uJehova.’   Yilokhu uJehova akushoyo,‘ “Ngenxa yokuvukela kaningi kweGaza, + ngeke ngikushintshe engikunqumile,Ngoba bathatha lonke iqembu labadingisiwe + ukuze balinikele ku-Edomi.   Ngakho ngiyothumela umlilo phezu kodonga lwaseGaza, +Uyoshwabadela imibhoshongo yalo eqinile.   Ngiyobhubhisa abahlala e-Ashidodi +Nalowo obusa* e-Ashikeloni; +Isandla sami siyomelana ne-Ekroni, +Abasele kumaFilisti bayoshabalala,” + kusho iNkosi EnguMbusi uJehova.’   Yilokhu uJehova akushoyo,‘Ngenxa yokuvukela kaningi kweThire, + ngeke ngikushintshe engikunqumile,Ngoba banikela ngalo lonke iqembu labadingisiwe ku-EdomiNangenxa yokuthi abasikhumbulanga isivumelwano sabafowabo. + 10  Ngakho ngiyothumela umlilo phezu kodonga lwaseThire,Uyoshwabadela imibhoshongo yalo eqinile.’ + 11  Yilokhu uJehova akushoyo,‘Ngenxa yokuvukela kaningi kuka-Edomi, + ngeke ngikushintshe engikunqumile,Ngoba wajaha umfowabo ngenkemba +Nangenxa yokuthi wenqaba ukubonisa isihe;Ulokhu ebadwengula ngolaka lwakhe,Akayeki ukubathukuthelela. + 12  Ngakho ngiyothumela umlilo ungene eThemani, +Uyoshwabadela imibhoshongo eqinile yaseBhozira.’ + 13  Yilokhu uJehova akushoyo,‘ “Ngenxa yokuvukela kaningi kwabakwa-Amoni, + ngeke ngikushintshe engikunqumile,Ngenxa yokuthi baqhaqha* abesifazane abakhulelwe bakwaGileyadi ukuze benze indawo yabo ibe banzi. + 14  Ngakho ngiyokokhela umlilo odongeni lwaseRaba, +Uyoshwabadela imibhoshongo yalo eqinile,Ngesiqubulo sempi ngosuku lwempi,Ngesiphepho ngosuku lwesivunguvungu. 15  Inkosi yabo iyodingiswa kanye nezikhulu zayo,” + kusho uJehova.’

Imibhalo yaphansi

Incazelo: “Ukuba Umthwalo” noma “Ukuthwala Umthwalo.”
Noma, “yobugebengu.”
Noma, “kathathu noma kane.”
NgesiHebheru, “ophethe intonga.”
NgesiHebheru, “ophethe intonga.”
Noma, “bahlinza.”