U-Amose 4:1-13

  • Umyalezo omelene nezinkomo zaseBhashani (1-3)

  • UJehova ukwenza inhlekisa ukukhulekela kwamanga kuka-Israyeli (4, 5)

  • U-Israyeli uyenqaba ukwamukela isiyalo (6-13)

    • “Lungela ukuhlangana noNkulunkulu wakho” (12)

    • ‘UNkulunkulu utshela umuntu imicabango yaKhe’ (13)

4  “Yizwani leli zwi, nina zinkomo zaseBhashani,Enisentabeni yaseSamariya, +Nina bantu besifazane eniphamba abantu abaphansi, + nicindezele abampofu,Enithi kubayeni* benu, ‘Siletheleni okuphuzwayo!’   INkosi EnguMbusi uJehova ifunge ngobungcwele bayo,‘ “Bhekani! Kuza izinsuku phezu kwenu lapho iyoniphakamisa khona ngamahhuku asesilaheniAbasele ibaphakamise ngamahhuku odobo.   Niyophuma ngezindawo ezibhodlokile odongeni, ngamunye aqonde phambili;Niyophonswa ngaphandle eHarmoni,” kusho uJehova.’   ‘Wozani eBhethele neqe umthetho, *+Wozani eGiligali niweqe nakakhulu umthetho! + Lethani imihlatshelo yenu + ekuseniNokweshumi kwenu + ngosuku lwesithathu.   Shisani umhlatshelo wokubonga wesinkwa esinemvubelo; +Memezelani iminikelo yenu yokuzithandela! Ngoba yilokho enithanda ukukwenza, nina bantu bakwa-Israyeli,’ kusho iNkosi EnguMbusi uJehova.   ‘Mina ngabangela indlala* kuwo wonke amadolobha enuNgenza zonke izindlu zenu zaswela isinkwa; +Kodwa anibuyelanga kimi,’ + kusho uJehova.   ‘Ngabuye nganigodlela imvula kusasele izinyanga ezintathu ngaphambi kokuba kuvunwe; +Ngenza ukuba line edolobheni elilodwa, kodwa lingani kwelinye idolobha.Kwakuba khona isiqephu sezwe elalina kuso, Kodwa lesi esinye elalingani kuso sasoma.   Abantu basemadolobheni amabili noma amathathu babeyendayendela edolobheni elilodwa beyophuza amanzi, +Kodwa babenganeliseki;Anibuyelanga kimi,’ + kusho uJehova.   ‘Nganishaya ngokushisa okukhulu nangesikhunta. + Nazandisa izingadi zenu namasimu amagilebhisi,Kodwa izihlahla zenu zamakhiwane nezeminqumo zazishwabadelwa izintethe; +Noma kunjalo anibuyelanga kimi,’ + kusho uJehova. 10  ‘Ngathumela phakathi kwenu isifo esiwumshayabhuqe esifana nesaseGibhithe. + Ngabulala izinsizwa zenu ngenkemba, + ngathumba namahhashi enu. + Emakamu enu kwagcwala iphunga elibi lezidumbu; +Kodwa anibuyelanga kimi,’ kusho uJehova. 11  ‘Ngagumbuqela izwe lenuNjengoba nje uNkulunkulu agumbuqela iSodoma neGomora. + Naninjengokhuni oluhlwithwe emlilweni;Kodwa anibuyelanga kimi,’ + kusho uJehova. 12  Ngakho yilokhu engizokwenza kuwe Israyeli. Ngenxa yokuthi yilokhu engizokwenza kuwe,Lungela ukuhlangana noNkulunkulu wakho, Israyeli. 13  Ngoba bheka! Nguye owenza izintaba + nowadala umoya; +Utshela umuntu imicabango yaKhe,Ushintsha ukuntwela kokusa kube ubumnyama, +Unyathela ezindaweni eziphakeme zomhlaba; +Igama lakhe nguJehova uNkulunkulu wamabutho.”

Imibhalo yaphansi

Noma, “emakhosini.”
Noma, “nidlubulunde.”
NgesiHebheru, “ngasusa ukudla emazinyweni.”