U-Amose 6:1-14
6 “Maye kulabo abazethembayo* eZiyoni,Kulabo abazizwa belondekile entabeni yaseSamariya, +Abantu abavelele bezizwe eziqavile,Labo indlu ka-Israyeli eza kubo!
2 Welelani eKhaline nibone.
Sukani lapho niye eHamati Elikhulu, +Nehlele eGati lamaFilisti.
La madolobha awangcono yini kunale mibuso,*Noma ingabe indawo yawo inkulu kuneyenu?
3 Ingabe niyalukhipha engqondweni yenu usuku lwenhlekelele +Nibuse ngobudlova? +
4 Balala emibhedeni yezinyo lendlovu + bazeneke kosofa, +Badle izinqama zomhlambi namathole akhuluphele; *+
5 Baqamba izingoma zihambisane nomnkenenezo wehabhu, *+NjengoDavide, benza izinsimbi zomculo; +
6 Baphuza iwayini ngezinkomishi ezinkulu, +Bagcoba ngamafutha ekhethelo.
Kodwa abanandaba nenhlekelele* eyehlela indlu kaJosefa. +
7 Ngakho yibo abayoya kuqala ekudingisweni, +Ukuxokozela kwalabo abenabile kuyophela.
8 ‘INkosi EnguMbusi uJehova izifunge yona,’ + kusho uJehova uNkulunkulu wamabutho,‘ “Ngiyakwenyanya ukuziqhenya kukaJakobe, +Ngiyayizonda imibhoshongo yakhe eqinile, +Ngiyolinikela idolobha nalokho okuligcwalisile. +
9 “ ‘ “Uma kusele amadoda ayishumi endlini eyodwa, nawo ayokufa.
10 Kuyofika isihlobo* sithwale isidumbu sendoda ngayinye. Siyozikhiphela ngaphandle kwendlu izidumbu* zawo; kunoma ubani osemagunjini angaphakathi endlu siyothi, ‘Basekhona yini abanye abakanye nawe?’ Yena uyothi, ‘Akusekho muntu!’ Bese sithi, ‘Thula! Ngoba akusona isikhathi sokukhuluma ngegama likaJehova lesi.’ ”
11 Ngoba nguJehova okhipha umyalo, +Uyoshaya indlu enkulu ibhidlike,Nendlu encane ibe imvithi. +
12 Amahhashi ayagijima yini emadwaleni,Noma umuntu uyolima yini khona ngezinkomo?
Ngoba niphendule ubulungisa baba isitshalo esinoshevuNesithelo sokulunga saba umhlonyane. *+
13 Nijabula ngento engelusizo lwalutho,Nithi: “Asizange yini sibe namandla ngenxa yezikhwepha zethu?” +
14 Ngakho ngiyoletha isizwe simelane nawe wena ndlu ka-Israyeli,’ + kusho uJehova uNkulunkulu wamabutho,‘Siyokucindezela kusukela eLebo-hamati *+ kwehle kuze kuyofika eMhosheni* Wase-Araba.’ ”
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “abazithela ngabandayo.”
^ Ngokusobala kubhekiselwa embusweni wakwaJuda nowakwa-Israyeli.
^ Noma, “nezinkunzi ezisencane.”
^ Noma, “wensimbi yomculo enezintambo.”
^ NgesiHebheru, “abazange bagule ngenxa yenhlekelele.”
^ NgesiHebheru, “umfowabo kayise.”
^ NgesiHebheru, “amathambo.”
^ Noma, “into ebabayo.”
^ Noma, “ekuqaleni kweHamati.”
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.